AWAHLANGANANGA emzuliswaneni wokuqala weNedbank Cup amaqembu amakhulu akuleli ngoba awatonyulwanga ndawonye ngesikhathi kuqhathwa izolo ebusuku, emahhovisi eNedbank eSandton, eGoli.
Ompetha beNedbank Cup bangesizini edlule, i-Orlando Pirates, bazoqala ukuvikela isicoco sabo ngokubhekana neRichards Bay FC, ekuhambeni kowe-Last 32.
Ezimnyama zanqoba iMamelodi Sundowns ngo 2-1 kowamanqamu eMbombela, ngesizini edlule. Zizobe zibheke ukuyinqoba okwesithathu kulandelana le ndebe kwazise zayithatha nango-2023, zidla iSekhukhune United ngo 2-1 kowamanqamu.
IMamelodi Sundowns izovula nelaseFree State, elidlala esigabeni esiphansi, iSibanye Golden Stars, bese iKaizer Chiefs ibheka ukuqeda isomiso sezicoco ngokugadulisana neqembu elizinze eGauteng, iFree Agents FC.
Elinye iqembu eselithole indebe kule sizini, iMagesi FC, lizoqala lo mqhudelwano ekhaya neSuperSport United, ebalwa namaqembu anomlando omuhle kwiNedbank Cup njengoba isiyiphakamise amahlandla amathathu indebe.
Izinsuku nezikhathi okuzodlalwa ngazo le midlalo, nezinkundla okuzodlalelwa kuzona, kuzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.
Imidlalo yeLast 32 yeNedbank Cup
Polokwane City v The Bees; Sekhukhune United v Cape Town City; Kaizer Chiefs v Free Agents FC; Mpheni Home Defenders v Hungry Lions; Magesi FC v SuperSport United; Mamelodi Sundowns v Sibanye Golden Stars; Royal AM v Milford FC; Richards Bay FC v Orlando Pirates; Venda FC v Cape Town Spurs; Lamontville Golden Arrows v Chippa United; TS Galaxy FC v Vasco Da Gama; Stellenbosch FC v Kruger United; AmaZulu FC v Mighty Eagles; Lerumo Lions v Durban City FC; Umvoti FC v Baroka FC; Pretoria Callies v Marumo Gallants