NAKUBA sehlile isibalo samacala obugebengu abikwe emaphoyiseni eNingizimu Afrika kodwa ukwenyuka kwesibalo samacala ocansi nawokubulawa kwabantu, kushiye ukukhathazeka kuhulumeni nabantu jikelele. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele nethimba lakhe badedele izibalo zobugebengu ezisukela ku-Ephreli wonyaka odlule kuze kufike ekupheleni kukaMashi nonyaka. Lokhu kuchaza ukuthi izigameko zakamuva ezibe wundabamlonyeni azingeni kulezi zibalo kodwa zizokwethulwa ngozayo.
Izibalo zethulwe wuMajor General Norman Sekhukhune owungoti wezibalo emaphoyiseni, obehambisana noCele bephambi kwekomiti lezokuphepha ePhalamende, izolo.
Kulezi zibalo kuvele ukuthi ubugebengu behle busuka emacaleni angu-433 966 kwaba ngu-339 281 nokuchaza ukuthi kwehle ngo-94 685. Konke lokhu kuchaza ukuthi ubugebengu behle ngo-21.8% uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule. Noma kunjalo kodwa amacala okudlwengula anyuke esuka kwangu-50 108 afinyelela ku-52 470 nokuchaza ukuthi anyuke ngamacala angu-2 312. Konke lokhu kusho ukunyuka ngo-4.6% emacaleni okudlwengula nokuyinto edala itwetwe kubantu besifazane kuleli abavele behlalele ovalweni. Ukubamba inkuzni kuhlonyiwe khona kusuke ku-138 364 kwaya ku-140 032 nokukhomba ukwenyuka ngo-1.2%. Ukugqekezwa kwemizi yabantu kwehlile njengoba kusuke ku-228 094 kwaya ku-220 865 nokusho ukwehla nagamacala angu-7 229 okukhomba u-3.2%.
Isibalo samacala okubulawa kwabantu okukhalwe ngaso, senyuke sisuka emacaleni angu-20 336 aya ku- 21 022 nokusho ukuthi kwenyuke ngamacala angu- 686 nokukhomba ukwenyuka ngo-3.4% ukubulawa kwabantu kuleli. Kulesi sibalo kufakwa namaphoyisa abulawayo futhi kuthiwa angu-49 abulewe KwaZulu-Natal. Ngokwezifundazwe, kuvele ukuthi iWestern Cape ihamba phambili ngamacala abikiwe angu-97 223, iGauteng ilandela ngo-90 476 bese iKwaZulu-Natal ilala isithathu ngo-60 283. Lezi zifundazwe zaziwa njengezinye ezinabantu abaningi abahlala kuzona.
UMajor General Sekhukhune ugcizelele ukuthi amacala amaningi okubulala enziwa ngezibhamu bese kulandela imimese okugwazwa ngayo abantu. Lobu bugebengu kwenzeka ngezimpelasonto futhi buhlala buhlobene nophuzo oludakanayo nokusetshenziswa kwezidakamizwa. UCele uze wathi abantu bafike baziphathe kahle isonto lonke bese begajwa yinjabulo yempelasonto bagile imikhuba. Obunye ubugebengu obenyukile ukwebiwa kwemfunyo okuthiwa kufanele kubhekwe kabanzi njengoba kwenyuke kusuka ku-28 849 kwaya ku-29 672 nokuchaza ukwenyuka ngamacala angu- 823 okusho ukwenyuka ngo-2.9%.
USekhukhune uthe abantu abaningi emakhaya badayisa imfuyo ukuze bafundise izingane.
Uthe eqeda nje ukwethula izibalo uCele noSekhukhune abe ebahlala emadevini amalungu ekomiti lasePhalamende ekhala ngokuthi isimo sibukeka singesihle. USihlalo weKomiti uNkk Tina Joemat-Pettersson uthe kufanele kufingqwe imikhono kusetshenzwe.
“Ngqongqoshe, njengoba sizwa kwenyuka izibalo zamacala anzima, kuzofanele usebenze nezinhlaka ezifanele, kulungiswe isimo,’’ kuchaza yena. UCele uthe bahlela ukubuyela emuva babheke kahle ukuthi konakelephi.