U-AYANDA Nombebe (22), waseKhalankomo Village, e-Eastern Cape, uhoxise isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville. Ubhekene noxhaxha lwamacala, okubalwa kuwo awokubulala, amahlanu okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, amabili okuzama ukubulala izikhulu zamaphoyisa, elokwakha itulo lokubamba inkunzi esebenzisa isihluku, ukutholakala nezinhlamvu nelokutholakala nemoto okusolakala ukuthi yebiwe.
NgoFebhuwari 24, 2025, amaphoyisa alunywa indlebe ngetulo lokugebenga imoto e-Attlyn Mall, e-Atteridgeville. Amaphoyisa anikela khona enxanxatheleni yezitolo abona izimoto ezimbili okuthiwa zihamba izigebengu, aqala ukuzilandela zilibangise eLaudium. Ngesikhathi amaphoyisa eshayela emgwaqweni u-Military Road, e-Laudium, azama ukumisa lezi zimoto, kodwa abasolwa banqaba.
Kunalokho, basuka ngesivinini badubula bebhekise emotweni yamaphoyisa. Ngemuva kokushayela amamitha ambalwa, izimoto zama, kwaphuma abasolwa abayisikhombisa ezimotweni. Ngemuva kwalokho, kwaba nokudubulana phakathi kwabasolwa namaphoyisa okuholele ekutheni abasolwa abayisithupha bashonele endaweni yesigameko. Ngesikhathi sokudubulana umsolwa ubalekele emzini oseduzane, watholwa waboshwa. Olunye uphenyo luveze ukuthi enye yezimoto ebihamba abasolwa yebiwe eClayville.
Icala lihlehliselwe uMashi 26, njengoba icala lidluliselwa enkantolo yesifunda, uNombebe ugqunywe esitokisini.