UMNDENI ka-Anele Tembe, owayeyingoduso yomrepha u-AKA, ugcine umlando wakhe ngokunikela ngomtapo wolwazi oqanjwe ngaye esikoleni iDurban Girls’ College, eThekwini.
Kwabikwa ukuthi u-Anele washona ngemuva kokuthanqazeka phansi ehhotela eKapa ngo-2021. Umrepha u-AKA ushone ngasekuqaleni konyaka odlule ngemuva kokudutshulwa eThekwini.
NgoLwesibili ntambama kuvulwe umtapo wolwazi kulesi sikole ayefunda kuso.
Owayengusopolitiki uMbali Ntuli, ufake ekhasini lakhe le-X ukuthi kuyajabulisa ukubona uyise ka-Anele, usomabhizinisi uMoses Tembe, eshintsha ubuhlungu wabuphendula umlando omuhle.
“Uhloniphe u-Anele waphinde wafaka isandla emfundweni yezizukulwane ezizayo,” kubhala uMbali.
Last night we celebrated Anele Tembe. It is wonderful that Bab Tembe has turned tragedy into such a beautiful lasting legacy. Honouring Anele and contributing to the education of future generations. A fitting tribute 🕊️
— Mbali Ntuli (@mbalimcdust) January 31, 2024
Was also so beautiful to see so many familiar faces of… pic.twitter.com/ne4kJsynfL
Ekhasini leFacebook lalesi sikole esiseMusgrave, kubhalwe ukuthi abafundi, abasebenzi, abazali nabafundi abadala bazovulelwa ukuthi bazobona umtapo wolwazi ngoLwesihlanu phakathi kuka-1 no-3 ntambama.
Kuthiwa udwetshwe ngowaphothula ukufunda ngo-2000, u-Andrea Keinloog.