KUVUSELELEKE ufuqufuqu lokuthatha isifundazwe iKwaZulu-Natal okhethweni lwangoMeyi kubaholi be-IFP behlwitha amawadi abephethwe i-ANC.
I-IFP yenze i-ANC isilo sengubo iyiphuca amawadi amathathu okhethweni lokuchibiyela obelungoLwesithathu.
I-IFP ithathe uWard 12, 19 no-23, kuMasipala waseNewcastle, izikhala kulamawadi zavuleka emva kokusula kwamakhansela e-ANC.
Usihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe le miphumela ifike ngesikhathi esihle lapho belungiselela ukhetho oluzayo.
“Njengoba sibheke okhethweni lukazwelonke nezifundazwe, ukunqoba izinketho zokuchibiyela kuzosigqugquzela kakhulu kuphinde kudlondlobalise umkhankaso wethu wokwakha kabusha iKwaZulu-Natal neNingizimu Afrika. Sizoqhubeka nalo mgqigqo. Sizimisele ngokuletha ushintsho ezimpilweni zabantu baKwaZulu-Natal.”
Kuwo wonke amawadi i-IFP izigwazele ibhece kuWard 12 ithole amavoti angu-1 973, yalandelwa i-ANC ngamavoti angu-763.
KuWard 19 ithole angu-1 566, ilandelwa i-ANC ngawu-732, kwathi kuWard 23 khona yathola angu-1 498, i-ANC yalandela ngawu-315.
“Le miphumela ikhombisa ukuthi i-IFP iyakhula. Sibonga abantu baseNewcastle ngokuqhubeka nokusethemba.”
Ukunqoba kwe-IFP amawadi amathathu kusho ukuthi sukuyiyo enezihlalo eziningi kulo mkhandlu ewubusa ngokubambisana namaqembu amancane.
I-IFP isinezihlalo ezingu-22, ilandelwa i-ANC, enezihlalo ezingu-18.
UNtuli, ogaqele esikandunankulu waKwaZulu-Natal, unxuse amakhansela amasha ukuba asebenze ngokuzikhandla.
I-ANC esifundeni iMbuso Kubheka, ikhale ngomkhonyovu.
Unobhala we-ANC kulesi sifunda, uMnuz Chris Mhlophe, uthe bathole ukuthi kunenqwaba yabantu abebebhalisele ukuvota ukhetho lwangoLwesithathu abasebenzisa ikheli elilodwa.
Uthe bathe uma bephenya leli kheli bathola ukuthi indawo nje evulekile, engenasakhiwo.
“Njengamanje sisezinhlelweni zokuvula icala emaphoyiseni, siphinde sifake isikhalazo enhlanganweni eyengamele ukhetho, i-IEC (Independent Electoral Commission). Sifisa ukuthi i-IEC ithathele izinyathelo iqembu lezepolitiki noma amalungu eqembu lezepolitiki okuzotholakala ukuthi enza lo mkhuba. Kuyicala ukuvota endaweni lapho ungahlali khona.”
I-ANC ikwaze ukugcina uWard 6 kuMasipala waseMshwathi.
Le wadi ibikade ivele iphethwe yiyo i-ANC.
Iqembu elisha, uMkhonto weSizwe, elikhombisa ukwenza kahle ezinkethweni zokuchibiyela, bebengazingenelanga izinketho zokuchibiyela ebezingoLwesithathu.
Kunamahlebezi athi kunekhansela lomkhandlu waseNewcastle eselisulile, lajoyina uMkhonto weSizwe, nokusho ukuthi kungase kuphinde kube nolunye ukhetho lokuchibiyela kulo masipala.