ZIHLINZEKWE ngogesi okokuqala ngqa izakhamizi zaseBangamazi eNkandla oselokhu kwathi nhlo ziphila ngokukhanyisa amakhandlela.
Le mizi ewu-45 ikhanyiselwe ugesi okokuqala ngqa uMasipala waseNkandla kulandela ukuthola imvume nosuku ka-Eskom.
Lezi zakhamizi bese kuphele iminyaka zihleli namamitha kagesi angakhanyi emakhaya kodwa ngeledlule kube sekukhanyiswa amatransformer ukuze kukhanye nasemakhaya.
UMnuz Lungisani Buthelezi oyimenenja ebhekelele leprojekthi uveze ukuthi beluyingxenye enkulu yeNhloshane eyayizofakela abantu abawu-1300 ngokuhlukana kwezigaba zayo.
"Izigxobo, namamitha bekulinde ukuthi kuphothulwe lolu hlelo luka-Eskom bese kukhanyiswa iprojekthi. Sithole usuku lomhlaka 4 Ephreli, sikhuluma kuyimanje imizi isinawo ugesi.
“Ikhona imizi embalwa ekhanyiswa namhlanje, kuqedelwa kuyo ngoba iningi layo liqhelelene kanti imitha likhanyiswa ngalilodwa,"kusho uButhelezi.
IMeya kaMasipala uMnuz Mbhekiseni Biyela uthe ukuhlinzekwa kwabantu ngezidingo kuseqhulwini futhi bzafinyelela ngisho ezindaweni ezisehlanzeni ukuqinisekisa ukuthi bayazithuthukisa.
Ukukhanya kukagesi kule ndawo uBiyela uthe kuzophucula impilo yezakhamizi nokuyinto abayilwelayo.
Yize kunjalo uBiyela ukuvezile ukuthi kunezinsiza ezingaphansi kweminyango kahulumeni ezenza kubenzima ukungenelela ngazo emiphakathini njengoba bewumasipala omncane ongenasabelo mali esikhulu.