IZINSONGO zikaMengameli waseMelika, uDonald Trump, zokunswinya elakuleli kanye nokushona kwamasosha akuleli empini eseDemocratic Republic of Congo (DRC), akuzange kuwaphazamise amalungiselelo enkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa, azoyethula ePhalamende namhlanje.
Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe izinsongo zikaTrump nodaba lwase-DRC akuzange kuwathikameze amalungiselelo ale nkulumo eyaziwa nge-State of the Nation Address (Sona).
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eCape Town izolo.
Amalungiselelo enkulumo aqhubeke ngesikhathi esinzima lapho uTrump esabise ngokunswinya iNingizimu Afrika ngoba nakhu eyisola ngokuthatha ngodli umhlaba kanye nokunyathela amalungelo abathile.
Phezu komsindo kaTrump kuphinde futhi kube nenkiyankiya yokushona kwamasosha angu-14 ajutshwe e-DRC.
UMagwenya uthe aqhubeka kahle amalungiselelo enkulumo yanamhlanje.
“Sijabule kakhulu, asiphazanyiswa yilezi zimo eziqhubekayo. Siyavuma ukuthi lezi izimo okufanele sibhekane nazo, ziyingxenye yomsebenzi kamengameli. Kodwa azisho ukuthi sibhekene nenhlekelele. Siyazilungisa ngendlela okufanele sizilungise ngayo kodwa-ke azisivimbile ukuthi senze okunye.”
UMagwenya uthe abantu bazobhema bakholwe namhlanje.
Uzokube eqala uRamaphosa ukwethula le nkulumo kusukela kwabunjwa uhulumeni wokubambisana onamaqembu angu-10.
UMagwenya uthe inkulumo kaRamaphosa izohlanganisa imibono yawo wonke amaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana.
“URamaphosa ulalele imibono yawo wonke amaqembu ayingxenye kahulumeni wokubambisana ngaphambi kokuthi ehlanganise inkulumo yakhe. Imibono yamaqembu izofakwa enkulumweni kaRamaphosa. Kule nkulumo sizobona ukusebenza kukahulumeni wokubambisana.”
Ebuyela odabeni lukaTrump, uMagwenya uthe basazimisele ngokuba nezingxoxo noTrump, ukuze bamchazele kahle ngomthetho wokuthathwa komhlaba osanda kusayinwa.
UMagwenya uthe banethemba lokuthi uTrump uzoza emhlanganweni wamazwe angaphansi kwe-G20, ozoba kuleli.
Uthe ukufika kukaTrump kuleli kuzonikeza uRamaphosa ithuba lokuba achaze kahle ngomthetho wokuthathwa komhlaba.
UMagwenya uveze ukuthi uRamaphosa usanda kuba nengxoxo nempunyela eyazalelwa kuleli ewumeluleki kaTrump, uMnuz Elon Musk, lapho echaze khona kabanzi ngomthetho omusha.
Odabeni lwase-DRC, uMagwenya uchithe eyokuthi amasosha akuleli ajutshwa ngenxa yokuthi kukhona abantu abasondelene noRamaphosa abahlomula ezimayini ezise-DRC.
UMagwenya uthe amasosha aqala ukujutshwa e-DRC kusaphethe uMnuz Nelson Mandela.
UMagwenya uthe kuzokuba nomhlangano wamazwe ase-Afrika eseNingizimu kanye naseMpumalanga yezwekazi, lapho kuzoxoxwa khona ngale mpi eqhubekayo.