UCWANINGO lwePietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, luveza ukuthi isibiza u-R5 252.15 igilosa yomndeni isuka ku-R5 252.77 ngoJuni.
Kule nyanga kuye kwanyuka isitambu, amaqanda, ugreen pepper, impuphu, irayisi, izibindi zenkukhu, i-cremora, ama-aphula, ipeanut butter nesinkwa.
Ukudla okwehlile wutamatisi, ukherothi, i-butternut, ispinashi, amawolintshi, u-anyanisi, u-curry powder, isobho, itiye, izingingila zenkukhu, i-wors, usu, iklabishi, upholoni nojamu.
UMnuz Mervyn Abrahams we-Pietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, uthe igilosa isabiza ngoba ukudla okuyizidingo okuthengwa nyangazonke okubalwa impuphu nokunye kusabiza.
Uveze ukuthi ukudla kwengane okunomsoco kubiza uR935.71 kodwa isibonelelo sezingane siwu-R530.
“Ukudla kuyabiza, abesifazane okuyibona abenza igilosa bathwele kanzima ngoba igilosa yomndeni ibiza ukwedlula amaholo abasebenzi (iNational Minimum Wage) ewu-R5 074.72 ngenyanga njengoba igilosa iwu-R5 252.15. Abangasebenzi bathwele kanzima kakhulu ngoba nesibonelelo sezingane asaneli igilosa enomsocoyezingane,” kusho u-Abrahams.
Ukhale ngokuthi ukunyuka kukagesi nakho kwandisa umthwalo emahlombe abantu njengoba unyuke ngo-12.72%.
Ubalule ukuthi imizi eminingi isebenzisa ugesi owu-350kWh ngenyanga okusho ukuthi ithenga ikhadi likaR900 kuya ku-R1 200 ngenyanga.
Wenze isibonelo sokuthi eMgungundlovu umndeni osebenzisa ugesi owu-350kWh unyuke ngo-R136.05 usuka ku-R906.92 waya ku-R1 042.97.
Uthe abantu bathwele kanzima, abakwazi ukumelana nezindleko zikagesi, ezegilosa, ezokugibela nezokubiza kwempilo.