UZOBANJWA ngo-Okthoba 10, umcimbi kaMiss SA kuleli nozoba seKapa, eCape Town Grand West Arena.
Lo mcimbi uzophinde ukhonjiswe bukhoma kwiM-Net nakwiMzansi Magic.
NgoLwesibili kulindeleke ukuthi kumenyezelwe izintokazi eziyishumi ezizoqhudelana emcimbini walo nyaka.
Isifundazwe saKwaZulu-Natal simelwe yizintokazi ezine, okunguLalela Mswane waKwaSokhulu, eRichards Bay, u-Andile Mazibuko waseMabedlane, oLundi, Lisanne Lazurus waseManzimtoti noSavannah De Almeida waseHillcrest.
Kulo nyaka kuqopheke umlando ngesikhathi kulo mcimbi kumenyezelwa owesifazane wokuqala kwi-Top 30 owashintsha ubulili bakhe.
ULehlogonolo Machaba (24), waseNorth West, ungowokuqala owashintsha ubulili ukuthi angenele uMiss SA.
Amajaji akade ekhetha izintokazi eziyishumi ezizomenyezelwa kusasa bekungozime abake bathatha lesi sicoco eminyakeni edlule.
Kubona kubalwa uBokang Montjane-Tshabalala owathatha isicoco sango-2010, Liesl Laurie owasithatha ngo-2015, Melinda Bam owadla umhlanganiso ngo-2011 noTamaryn Green owathatha lesi sicoco ngo-2018.
Ngesonto eledlule kuphinde kwethulwa abasiki benqephu abazogqokisa lezi zintokazi ezilishumi uma seziqhudelana.
Kubona kukhona uPalesa Mokubung, Taibo Bacar, Anél Botha, Refilwe Mthimunye, Cristian Galluzzi no-Alessio Gini noLebogang Kekana.
Intokazi ezodla uhlanganiso kulo nyaka izohamba nemiklomelo ehlukene yenani likaR3 million kanti ezinye izintokazi ezikuTop 10, zizothola imali enguR25 000 ngayinye.