BAVUMBUKE emkhankasweni wokutakulwa kwabavukuzi ababhajwe emayini engasebenzi eStilfontein, eNorth West osomathuba abafuna ngodli ukukhokhelwa u-30%.
Bavele bezwa ukuthi uhulumeni usebenzisa cishe imali engu-R1 million ngosuku eqasha ochwepheshe abasebenza ngemishini emikhulu kutakulwa, osomathuba babona zimbiwe insele.
Okhulumela amaphoyisa aseNorth West, uBrigadier Sabata Mokgwabone, uthe amaphoyisa abezitshela ukuthi asebenzisana namalungu omphakathi ajwayelekile ngenhloso yokukhipha abavaleleke emathunjini omhlaba, kwase kuvumbuka osomathuba.
Ukuchaze ngokuthi amanzi amancane okwenziwa yilaba bantu, yinto amaphoyisa azoyisombulula ngokushesha.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu usanda kuhambela kuleya ndawo wathi umbutho awuholayo uzosebenzisana nezinye izinhlaka zikahulumeni kutakulwe izinkulungwane zabavukuzi okukholakala ukuthi basavalelekile.
La bantu basanda kubhala incwadi becela ukudla nama-ARV okuyimishanguzo ethithibalisa isandulela-ngculazi nengculazi.
Ushaye phansi ngonyawo uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi wathi ama-ARV akuwona ama-panado athengwa esitolo.
Uveze nokuthi umuntu uqale ahlolwe wudokotela noma ngunesi ngaphambi kokuthi anikwe wona.
Ngempelasonto uMkhandlu wamaBandla uhambele kule ndawo uyokweseka izinhlelo zokuthi kukhishwe abavukuzi.
Unobhala weSouth African Council of Churches (SACC), uMfundisi Mzwandile Molo, uthe kumele kutholakale indlela yokukhipha la bantu bephila.
“Silapha singamabandla sizothi yikuphi esingalekelela ngakho. Sikhuthaza amasonto akhona eStilfontein ukuthi bangaluthathi njengolujwayelekile usuku iSonto. Imithandazo yethu kumele izwakalise usizi abantu ababhekene nalo kulendawo,” kusho uMolo.
Uthe abantu abanezihlobo ezivalelekile kule mayini engasasebenzi bazobuyelwa ithemba uma abamabandla bemi nabo.
“Kunzima ukuba wumama onengane angakaze ayibone izinsuku ezingu-30 ngoba ivaleleke kule ndawo angase ayithole isishonile. Uphila kanjani nento enjalo?” kubuza uMolo.
UMolo ubehamba nabaholi bamabandla abebeqhamuka ezingxenyeni ezehlukene zezwe nasemazweni angaphandle.