MHLELI: Ngingumlaleli wemisakazo emincane nemikhulu ngivumele ngiphawule ngokuhamba kukaNksz Sbongi Ngcobo kuKhozi FM. Yize sebephawule kaningana ngoMaNgcobo, olwami uvo luthi liphume nobovu ngokuhamba kwakhe.
Iqiniso lithi Ukhozi bese elwenze undabamlonyeni uma kuhlukaniswa unyaka kodwa-ke kumele ngisho ukuthi angiyena umuntu ogxile ekulaleleni Ukhozi ngenxa yokuthi alufuni ukukhula kwezokusakaza. Yize kube yinjabulo kwabanye abasakazi nabalaleli kodwa engingakusho kubo ukuthi ungcono umuntu omaziyo kunongamazi. Angisho ukuthini kodwa ngithi owabo umsebenzi njengabasakazi ukushaya umsebenzi kuphela.
Angingene odabeni olungenze ngaloba kwelifundwa izinkulungwane zabantu okuwudaba lozobamba amatomu njengoba kushiye uMaNgcobo, uMnuz Busani Mthembu.
Empeleni ngaphambi kokuba ngibhale ngiqale ngenza ucwaningo ngale nsizwa yakwaMthembu ezobamba kulesi sikhundla esishisayo. Engikutholile ngaye ukuthi uneziqu ezihambisana nomsakazo okuyiBA Honours in Media.
Empeleni iyayikizela ngesipiliyoni sokuphatha le nsizwa futhi lapho iphatha khona kuyaye kukhanye. Mhlawumbe bese kuyisikhathi sokuthi Ukhozi luluswe owesilisa ngoba kubukeka behluleka abesifazane.
Engingakululeka ngakho mfo kaQhudeni ukuba ukhombise ukuthi ubaphethe ungabenzi abangani bakho futhi ungabi umngani wabaculi. Ngibonile ukuthi ungowokuzalwa koNongoma, ubokulindela ukuthi uzothola izingcingo ezizothi"mkhaya wami“, ubobaleka uzephule lapho ngoba abahambile bahanjiswe ubungani nabaculi nobungani nabasakazi.
Mina ngizwa ngibuyelwa yithemba ngalo msakazo obusuphenduke udengezi oluncindela noma ubani. Ngiyawuqonda umsebenzi okuhlalele kodwa kumele wenze okuyikho njengoba sekuzokhala esakho isicathulo.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU WARD 100