UMDLALI weKaizer Chiefs osemncane kodwa okubhekwe lukhulu kuyena, uSamkelo Zwane, uyakuqonda okufanele akwenze ukuze ezongena khaxa esikimini somqeqeshi waleli qembu laseNaturena, uNasreddine Nabi.
UZwane (22), osekuyisizini yakhe yesibili esikimini seChiefs, ngomunye wabadlali okubhekwe lukhulu kubona kuleli qembu kodwa lokhu kuvamise ukulandelwa wukunakeka okungaphezulu kunabanye abadlali.
Ngoba uyena obukeka njengekusasa leqembu, namaphutha akhe avamise ukugqama kunawabanye njengoba kwenzekile ezinyangeni ezedlule iChiefs inenebulwa yiMamelodi Sundowns ngo 4-0 kwiCarling Knockout.
Ngalelo langa iChiefs yayingenzi kahle kodwa iphutha likaZwane elaholela ekutheni kungene elinye lamagoli eSundowns, kwakhulunywa ngalo isikhathi eside.
UZwane ubeleqa kuchwaze inkundla ngoMgqibelo odlule, ngesikhathi eseqenjini leCarling All Stars elilobole iMagesi FC ngo 3-0 emdlalweni weCarling Black Label Cup eSoweto.
Ushaywe igoli, wakha nelinye kulo mdlalo abaningi abawubone njengobekufanele uvuse uNabi ngezindlela eziningi lo mdlali akwazi ukuzidlala.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo we-All Stars neMagesi, uZwane uthe isimo sakhe usiqonda kahle futhi wenza konke okusemandleni ukunika umqeqeshi lokhu akufunayo.
“Ngenhlanhla ngikwazi ukudlala izindawo eziningi enkundleni kodwa kunendlela ekhethekile umqeqeshi uNabi afuna ngidlale ngayo,” kusho yena.
“Uhlelo lweChiefs ngaphansi kwalo mqeqeshi wukuthi kufanele ngitholakale uma iqembu lihlasela kodwa futhi kusemqoka ukuthi ngibekhona ukuyosiza uma kuhlasela izitha.
“Ngiyazi ukuthi ngiyakwazi ukukwenza lokho kodwa kufanele ngisandise isikhathi engisichitha ejimini. Okuhle ngalokhu wukuthi ithimba lonke labaqeqeshi liyazihlupha ngami. Sisebenza nsukuzonke kulokhu futhi sonke sineme. Okwamanje izinto zibukeka zingakahlangani kodwa lapho kuyolunga khona kuyoba sengathi akukaze konakale,” kusho lo mdlali sakubalisa.
Amakhosi azowusongela eThekwini unyaka ngokwamukela iChippa United ngoDisemba 29, eMoses Mabhida Stadium.