LIGIXABEZE amalungu omphakathi angu-250 ngokudla ibandla labasindisiwe, iCottonland Restoration Centre.
Umcimbi wokunikezela ngokudla ubuqhubeka esakhiweni esisha saleli bandla esiseMahlabathini eVerulam.
Umholi walo uMfu Bonginkosi Hlophe uveze ukuthi lo msebenzi bawenze ngokubambisana neWolrd Light Church eholwa uMfu Daniel Abera.
UHlophe uthe bashumayela ivangelo lezenzo yingakho benza lo msebenzi.
Uthe njengebandla bakubone kumqoka ukuthi belule isandla njengoba kuyisikhathi samaholidi kakhisimuzi nje.
"Siyakholelwa ekutheni ibandla likaNkulunkulu kumele nakanjani libonakale lenza umehluko ezimpilweni zabanye abantu. Yingakho sibone kukuhle ukuthi namhlanje sikhombise uthando kumalungu omphakathi ngokuthi siwathengele igilosa kakhisimuzi,'' usho kanje.
Uthe ibandla likaNkulunkulu akumele nje ligcine ngokushumayela kuphela kodwa kumele libuye libonakale lifaka isandla ngenhloso yokulekelela umphakathi elikuwona.
Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Fakazi Mdletshe ulincomile kakhulu leli bandla wathi mkhulu umsebenzi elibonakala liwenza kule ndawo.
"Minyaka yonke leli bandla liyayenza lento siyabonga kakhulu kulona kanjalo nakumholi walo uHlophe. Lokhu kusenza sibone ukuthi kuhle kangakanani ukuba nebandla likaNkulunkulu emphakathini wethu,'' usho kanjena.
Omunye wabahlomulile lapha, uNkk Zandile Nxumalo uthe bayabonga bayanconcoza kuleli bandla ngokubakhumbula njengoba kuyisikhathi samaholidi kakhisimuzi.