Wesule isigubhukane emsebenzini umsakazi woKhozi FM, uMandla “Njinji” Magwaza ngezizathu ezingakaziwa.
UNjinji ubethula uhlelo Ukhozi FM Top 20 ngoMgqibelo emini.
Kulezi zinsuku izinhlelo zishintshiwe abasakazi bafakwe ezinhlelweni abangazijwayele. Kwenziwa umkhankaso waminyaka yonke iSiyayijika Lento futhi uNjinji alukho uhlelo abezwakala kulo.
Umthombo weSolezwe ongaphakathi kulesi siteshi ulihlebele ukuthi babikelwe kwi-group yabasakazi ngoMsombuluko ukuthi uNjinji wesulile.
Omunye uveze ukuthi umyalezo wethunyelwe wumphathi wezinhlelo obambile uMandla Mdletshe.
“Ngiyabingelela bozakwethu ngicela ukubika ukuthi uzakwethu uMandla Magwaza usesulile emsebenzini, simfisela okuhle kodwa kukho azoqhube akwenze empilweni,” kusho umyalezo kaMdletshe.
Kunezinsolo zokuthi ubephenywa ngezinto eziningi. Eminyakeni edlule kuthiwa uke wadlala isikhangiso esingagunyaziwe.
Emasontweni edlule abaphenyi kuthiwa ngezinye zezinto ake abuza ngazo ukuthi akaxoshwanga kanjani ngaleso sikhathi. Kuthiwa wabuye wayikhokha imali yesikhangiso.
Kuthiwa kokunye ubeke afike emsebenzini ebukeka futhi ezwakala “ekhathele”.
Abanye babalaleli bake babhala ezinkundleni zokuxhumana bebuza ngendlela azwakala ngayo.
Ukuphawula kweSABC noNjinji bekungakatholakali, imilayezo abathunyelwe yona ayikaphendulwa.