BAWOTHA ubomvu abantu enkundleni yokuxhumana iFacebook ngesigameko sowesilisa oshiswe wunina wengane yakhe. Indaba isuke ngokuthi embuze ngezingxoxo zomjolo nabesilisa abahlukene, uzibambe kwiselula.
Isigameko esenzeke eRiet River, eVerulam ngoMsombuluko, sishiye abaningi beveva, bebuza ukuthi kungani owesifazane engaboshiwe ngesenzo sakhe sokushisa uyise wengane.
Ekhasini lenkampani yonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa), u-IAm Sizwe uthe: “Amanzi abilayo abuhlungu kabi. Inhloso yakhe bekungukumlimaza kanzima lona wesilisa. Lelo yicala elibucayi kabi. Kufanele abhekane nengalo yomthetho aphinde athathwe njengomuntu ongakufanele ukuba wumama.”
UNkuluh Mnikathi uthe: “Ukube bekuyilona wesilisa owenze lokhu ngabe uboshwe kudala. Ngabe akalele embhedeni wakhe ontofontofo, ngabe usejele sikhuluma nje. Njengoba ephuthunyiswe esibhedlela, lona wesifazane uzoqhubeka nobudlelwane bakhe nalaba ashendeza nabo.”
Echaza kabanzi ngesigameko, okhulumela iRusa, uMnuz Prem Balram uthe owesilisa wathola ulwazi lokuthi owesifazane wakhe akaziphethe kahle.
“Utshele onogada beRusa ukuthi uye wavula umbiko kwiFacebook kanina wengane yakhe enezinyanga ezingu-14 emva kokuthola ukuthi umbhangqile. Phakathi uthi ufice izingxoxo ezikhombisa ukuthi uyajola nabesilisa abahlukene, maqede wambuza ngazo,” kusho uBalram.
Uthi ubatshele ukuthi lokho kuholele ekutheni kusuke esinamandla, bexabana, owesifazane wagcina esemthela ngamanzi abilayo abewathathe eketelweni.
Udokotela oluleka ngokomqondo, uDkt Manqoba Myeni, uthe sekujwayelekile ukuthi babhekane nodaba lwezithandani ezixatshaniswa ngamaselela.
Uthe lokhu kuwudaba olubucayi ngoba kwesinye isikhathi ngisho namafindo emishado ayagqabuka, ngenxa yezingxabano ezisukela ezintweni ezivundululwe kumaselula.
“Indaba yeselula iyindida ngoba yinhle yimbi. Iyindlela elula yokuthi kuxhunyanwe kodwa kuba kubi uma sekuzokwenzeka izehlakalo ezifana nalezi ngenxa yezinto ezitholwe kwiselula,” kusho uDkt Myeni.
Ubuye waveza ukuthi kubuye kusize ukubheka iselula yomuntu othandana naye.
“Ngoba kwesinye isikhathi wuthola ulwazi lokuthi uyalobola, yize ehleli nawe endlini. Lokho yinto osuke ungeke uyithole uma ungayithintanga iselula ngoba wusuke ufihlelwe yona,” kusho yena.
Ubeke umbono wokuthi kuhle izithandani zihlale phansi zibonisane ukuthi sizolusingatha kanjani udaba lwamaselula uma zisaqala ukuthandana.
“Uma kuvunyelwana ngokuthi aluthintwa, kwenzeke lokho. Uma sekwenzeka nifisa ukushintsha kulokho maphakathi nobudlelwane, niphinde nihlale phansi nibonisane ngalokho,” kusho uDkt Myeni.
Isolezwe lizamile ukuyobheka owesilisa lapho ehlala khona kodwa lafica kukhala ibhungane. Umasitende wakhe uthe akanalo ulwazi olugcwele ukuthi ngabe usesibhedlela noma usathe ukuhamba kancane endaweni. Uthe akanayo inombolo yocingo atholakala kuyo umgilwa.
NgokweRusa, umgilwa wubengakalivuli icala.