UMHOLI weMK, uMnuz Jacob Zuma, uthi kuyokube bafulathelwe yidlozi uma bengahlulwa okhethweni oluzayo ekubeni sebesebenzisana neqembu, i-ATM.
UZuma uthe ukusebenzisana kwabo ne-ATM kumnikeza ithemba lokuthi bazolunqoba ukhetho oluzayo.
Ukusho lokhu ngempelasonto ngesikhathi ekhuluma enkonzweni yebandla, iTwelve Apostles Church in Christ, ebisenkundleni iSugar Ray, eThekwini.
Ngeledlule iMK ne-ATM basayine isivumelwano sokusebenzisana ePhalamende, nakuzo zonke izinhlelo ezithinta umphakathi. La maqembu asaxoxa eyokuthi azolungenela kanjani ukhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo.
UZuma uchaze isivumelwano sokusebenzisana kwamaqembu njengengqophamlando, wathi lesi sivumelwano senza abone sengathi bazolunqoba ukhetho oluzayo.
"Uma uthatha lo mhlangano ebesinawo ngoLwesithathu, kusho ukuthi sesingqongqoza emnyango wenkululeko, sesifikile. Uma singakwazi ukuthatha ukhetho oluzayo kuyokusho ukuthi ngempela ngempela sifulathelwe abadala, sifulathelwe yizingelosi."
UZuma uthe kubalulekile ukuthi abantu abamnyama bavote ndawonye okhethweni oluzayo. Unxuse abezenkolo nabamaqembu ezepolitiki ehlukene ukuba bavotele iqembu elilodwa okhethweni oluzayo.
"Wonke umuntu omnyama, uma umnyama nje uyahlupheka. Noma ungathi awuhlupheki, udukile ngoba sonke siyahlupheka. Umsebenzi wethu engicabanga ukuthi usimele manje ukuthi kusukela manje kufanele sikhulume nabo bonke abantu abamnyama. Noma ngabe bayakholwa noma abakholwa, noma ngabe baphethe amaqembu ezepolitiki, sonke thina bantu abamnyama kufanele sivotele iqembu elilodwa lezepolitiki.
"Uma kukhona abafuna ukubuyela emaqenjini abo emva kokhetho, ayikho inkinga bangabuyela ngoba siyokube sesilunqobile ukhetho. Lokhu kuyokwenza ukuthi sikwazi ukushintsha izwe. Sikwazi ukushintsha imithetho. Kubuhlungu ukuthi thina bantu abamnyama, esiyimsinsi yokuzimilela, siphethwe imithetho okungeyona eyethu."
Umholi we-ATM, uMnuz Vuyo Zungula, uthe abantu abamnyama bacindezelekile eNingizimu Afrika.
UZungula uncome isinqumo sikaZuma sokungathathi umhlalaphansi ngesikhathi ekhishwa kwesokuba umengameli ngo-2018.
"Omengameli abaningi uma sebephumile ezikhundleni bayaye bathathe umhlalaphansi, bazitike ngemihlomulo abayithola kuhulumeni. Uwe wedwa omile osukumile, wathi ayilungile le nto eyenzekayo ebantwini abamnyama. Abantu abacabangela abanye abantu, bazabalaza baze bayofa. Abanye abantu uma nje beke bathola imihlomulo yabo, basuke sebeqedile."