SEKUQUBUKE umsindo wezitshudeni zase-University of South Africa (UNISA) ebezifundela ubuthishela, nobuholi babo. Kubangwa isimemezelo okuthiwa senziwa yinyuvesi sokuthi kunemikhakha yobuthishela ezovalwa, okwenziwe ngokomyalelo woMnyango weMfundo ePhakeme. Lokhu kungenxa yokuthi ingeminye yemikhakha osekubonakala ukuthi ngeke isadingeka manje ngenxa yokuguquka kohlelo lokufundisa.
Lokho kususe ingebe kwabayizitshuseni zase-UNISA, kuthiwa bangaphezu kuka-3 000 ezweni abazobhekana nengqinamba yokungazi ukuthi benze njani. Kuthiwa uhlelo luzophoqa ukuthi isitshudeni ebesenza lezo zifundo siqhubeke ngendlela engaholela ekutheni kwengezwe unyaka noma emibili ezifundweni zaso ukuze kuhambisane nohlelo olusha, oluzodinga ukuthi izitshudeni zenze izifundo ezidingekayo manje.
Esinye sezitshudeni senyuvesi esihlala KwaNongoma, enyakatho yaKwaZulu-Natal, esingathandanga ukuthi kudalulwe igama laso, sikhale ngokuthi uhlelo olwenziwa yinyuvesi luzosiphazamisa ezinhlelweni zaso ngoba bese sisele nesifundo esisodwa andukuba siphothule izifundo zazo. Lokho kusho ukuthi uma silandela imigomo emisha ebekwayo kuzophoqeleka ukuthi sandiselwe ngeminyaka emibili ezifundweni zaso.
“Lolu hlelo lwabo luzongimoshela isikhathi eside nemali eningi kabi ngoba izindleko zokufunda ngizikhokha ngokwami, okusho ukuthi uma kwengezwa unyaka noma emibili kuzophoqa ukuthi ngibe nemali yokukhokhela izifundo zami zonke abazozengeza. Kuzoshaya kuzwele ephaketheni ngoba isifundo ngasinye sibiza kusuka ku-R2 500 kuya phezulu, imali engibona kahle ukuthi angizukuba nayo nhlobo ngoba sekuyisikhathi eside ngikhokha selokhu ngafika kule nyuvesi ngo-2015. Kufanele ngabe kade ngaqeda kodwa akwenzeki ngenxa yesifundo esisodwa esingaphaseki esenza ngingakwazi ukuphothula izifundo zami, nakhu manje futhi sesitshelwa lenkatha yenkangala,” kusho isitshudeni.
Esinye isitshudeni sase-UNISA esidabuka eXobho, ogwini oluseNingizimu yeKwaZulu-Natal, naso esaqala ukufunda ngo-2015 kulesi sikhungo, sithe lesi simo sesenze saba nokhwantalala ngoba asazi ngempela ukuthi kuzomele sithathe ini siyihlanganise nani. Sithi kumanje ayisekho imali yefa likayise ongasekho, ebeyisebenzisa ukuthwala izindleko zokufunda kwaso, njengoba sekunesimo esiphoqa ukuthi sikhiphe enye imali.
“Sifisa kube khona enye indlela okungenziwa izinto ngayo hhayi ukusiqalisa phansi nokusenzisa ezinye izifundo phezu kwazo zonke lezi ezingaka esesizenzile kuyo yonke leminyaka sifunda. Siphatheke kabi ngesimo esibhekene naso,” kukhononda isitshudeni.
Kuthintwa unobhala jikelele wesigungu esiphethe abafundi base-UNISA, uMnuz Aphiwe Dlamini sithe, bayasazi futhi basiqonda ngokuphelele lesi simo esibhekene nezitshudeni, nokho kuncane kakhulu abangakwenza, ukuzama ukulungisa izinto ngendlela izitshudeni ezifisa ngayo.
Uthe izitshudeni zatshelwa kusenesikhathi ngalezi zinguquko ezazizokwenziwa yinyuvesi eminyakeni emibili kuya kwemithathu edlule, ziyalelwa wuMnyango weMfundo ePhakeme. Zatshelwa ukuthi kumele zilwele ukuphasa zonke izifundo zazo ukuze kushaye lesi sikhathi umuntu singekho isifundo asalele emuva ngaso uma sekuqala izinguquko.
“Nokho sizamile ukuxoxisana nenyuvesi ukuthi kuvunyelwe izitshudeni ezingene kulolu gibe ukuthi zivunyelwe ukubhalisela ukuthi zizofunda ngesikweletu. Sekucacile ngempela ukuthi ayikho enye indlela okuzokwenziwa ngayo ukulungisa isimo ngaphandle kokuthi zivume ukuqhubeka zifunde ngendlela okusho inyuvesi ngayo zize ziphothule izifundo zazo bese zikwazi ukuthola izicucu zazo, ziqhubeke nempilo yazo,” kusho uDlamini.
Ephuzwini lezitshudeni ezikhala ngokuthi zibanjwe yizifundo ezingakwazi ukuziphasa, uDlamini uthe enye yezinkinga eholela kulokho wukuthi kunenqwaba yamacala ezitshudeni ezabanjwa zikopela, okwenza zihosheleke emuva zingakwazi ukuphothula izifundo zazo ngesikhathi esifanele, njengoba sezilana ezikhona manje.
“Nokho sesizamile futhi sisaqhubeka sixoxisana nenyuvesi ukuthi kwenziwe izinhlelo zokuhambela lapho izitshudeni zihlala khona ukuthi zifundiswe futhi zilekelelwe kulezo zifundo ezizinika inkinga. Akulula ukuthi zibuthalene ezikhungweni zenyuvesi ngoba eziningi zazo ziyasebenza futhi zinezinto ezahlukene ezizenzayo empilweni. Lokho kwenza kube wumqansa ukuzilekelela lapho ezisalele khona ezifundweni zazo,” usho kanje.
Kuthintwa okhulumela i-UNISA uMnuz Tommy Huma, uthe kungamanga ukuthi inyuvesi iphoqa izitshudeni ukuqala phansi izifundo zazo. Wathi kunalokho bazazisile izitshudeni ezisalelwe yizifundo emikhakheni eziyenzayo ukuthi kuzomele zenze kanjani ukuqhubekela ohlelweni lwemikhakha emisha ehambisana nezifundo zazo, ziqedele kuyona izifundo ezisele.
“Okunye esifuna kucace bha, wukuthi izitshudeni zethu sazasisa ngalolu hlelo ngo-2018 senzela ukuthi zibe nethuba elanele lokubhalisela izinhlelo ezintsha zokufunda eziqale ngo-2019. Besihlale sivule izandla ukuzilekelela kunoma yini eziba nenkinga kuyona, futhi namanje iminyango yethu isavuliwe ukulekelela abadinga usizo,” kusho uHuma.