Orlando Pirates (1)8
Marumo Gallants (1)1
I-Orlando Pirates inikeze abalandeli bayo isipho sikaKhisimusi ngokubhudluza iMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ntambama.
Umgadli weZimnyama, uTshegofatso Mabasa, ubeyiqhawe ebasela phakathi amagoli amathathu, wagcina eqokwe njengomdlali ovelele. Amanye amagoli kube wumkhonto ogwaze ekhaya kaKenneth Nthatheni, amabili kaThalente Mbatha, Deano van Rooyen nephenathi kaBoitumelo Radiopane. EleGallants eliqinisekise ukuthi ziya ekhefini zibambene ngo 1-1, libekwe enethini nguGabadinho Mhango.
Ngokuqoqa amaphuzu amathathu, iPirates iqhubekile nokufaka ingcindezi kwiMamelodi Sundowns esinamaphuzu angu-27 emidlalweni engu-10 kulandela ukwehlula kwayo AmaZulu ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. EZimnyama, ezisele ngomdlalo kwiSundowns, zisendaweni yesibili ngamaphuzu angu-24.
E-Orlando Stadium, iPirates ikhombise ukungabi nalo uzwelo kwiGallants ebishaya ngomqeqeshi omusha ebhentshini okunguSundra Govender obesizana noDuncane Lechesa ovele ekhona kuleli qembu. Laba baqeqeshi baphoselwe izintambo kulandela ukumiswa kukaDan Malesela iGallants ememezele ukuthi imnikeze ilivu eyisiphesheli.
Ukumiswa komdlalo ngenxa yesimo sezulu, akubathenanga amandla abadlali beZimnyama ababuye esiwombeni sesibili sebethelwe ngezibonkolo. Emuva komdlalo, uMabasa uthe bekufanele babajabulise abalandeli beZimnyama abadele imvula, bazobeseka enkundleni.
Emdlalweni wokuvala unyaka, iPirates izovakashela iMagesi e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngeSonto. IMagesi, elaxazwe ngumqeqeshi uClinton Larsen, imemezele ukuthi izintambo izozibambisa okwesikhasha uPapi Zothwane obeyiphini lakhe. UZothwane uzosizana noJacky Ledwaba.