NJENGOBA kuqhubeka kwanda intsha nezingane zaseNingizimu Afrika ezithiba ukuqaleka ngohlobo lokubhema olubizwa nge-vaping, abacwaningi base-University of Cape Town (UCT) bahlaba ikhwelo kuhulumeni lokuthi aphuthumise uhlelo lokuphasisa umthethosivivinywa ozolawula ukudayiswa kwemikhiqizo ehlukene kagwayi iTobacco Products & Electronic Delivery System Control Billl, abakholwa wukuthi kuzosiza ukunqanda ukudloba kwale nkinga.
Ezinye zeziphakamiso okulindeleke ukuthi zenzeke uma kuphasiswa lo mthethosivivinywa wukuthi kulawulwe imikhiqizo ye-vaping, futhi kulawulwe intsha yakuleli zwe ukuze ingabi yimilutha yawo, okuze emva kocwaningo olwenziwe yi-UCT ne-Utrecht University yaseNetherlands, olusanda kushicilelwa kwi-The Lancet’s eClinical Medicine.
Lolu cwaningo belubheka abantu abasha abawu-25 000 ezikoleni eziwu-52 ezweni lonke ukubheka indlela abaziphatha ngayo uma sebesebenzise lo gwayi.
Omunye wababhale izethulo zalolu cwaningo, uNksz Samantha Filby, uthe okunye okubaphushe ukulwenza yisexwayiso esakhishwa yinhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organization ngo-2023, lapho eyakhombisa khona ukukhathazeka ngokusatshalaliswa nokumakethwa kwale mikhiqizo, ethi kubhekiswe entsheni.
Okwamanje zimi kanjena izibalo zabantu abasha abasebenzia i-vaping ezweni:
- Bacishe bafinyelele ku-17% abantu abasha abahloliwe, kwatholwa ukuthi basebenzisa i-vaping.
- Kulowo 17% wentsha, u-38% wawo usebenzisa le mikhiqizo nsuku zonke.
- Bangaphezu kwa-50% abantu abasha abasebenzisa le mikhiqizo ngaphezu kwezikhawu ezine ngosuku.
- U-47% usebenzisa le mikhiqizo kungakapheli nehora umuntu evukile ekuseni okukhombisa ukuthi abasakwazi ukwenza lutho, sebeyimilutha yalolu hlobo legudu.
- Okukhathazayo futhi wukuthi u-88% wentsha esebenzisa le mikhiqizo iyixuba nesinye isidakamizwa esiyingozi i-nicotine.
- U-11.8% uzisholo ngokwawo ukuthi awukwazi ukuqhubeka nokufunda usuku lonke esikoleni ungayisebenzisanga le mikhiqizo.
- U-24.9 uvumile ukuthi udinwa wubala uma ungakwazi ukuthola le mikhiqizo.
“Sisebenzise lolu lwazi ukuhlanganisa umbiko ongasizisiza ukuthola ukuthi kumele kwenziwenjani ukunqanda lesi simo, kanti zonke lezi zibalo ziwuphawu lokuthi baningi kakhulu abantu abasha ababheke nale nkinga ezweni,” kusho uNksz Filby.
USolwazi Richard van Zyl-Smit obehola lolu hlelo locwaningo e-UCT, uthe okunye okubakhathaze kakhulu abakuthole becwaninga wukuthi bayanda ngokweqile abantu abasha abasebenziza i-nicotine nasebengakwazi ukuphila ngaphandle kwayo, osekudlebeleka ngendlela yokuthi sekwedlula ngisho okwalabo ababhema ugwayi.
“Ukungenelela ukulungisa le nkinga ngokushesha nangendlela efanele kungasiza ukunqanda umonakalo ongase wenzeke, kanti konke kuqala ngokuthi siqede amanga ahlale eshiwo okuthi i-vaping iphephile okuwulwazi oludukisa nolufaka abantu eweni. Sidinga ukuthi kulawulwe indlela okutholakala nokusetshenziswa le mikhiqizo ngayo, kuvalwe izikhangiso zayo ezinhlakeni ezahlukene ezinikezela ngolwazi olunjalo,” usho kanje.
USolwazi van Zyl-Smit ucebise nangokuthi kumele abezikole, abazali nabezempilo babambe iqhaza ukubhekana nale nkinga. Uthe abazali nothisha kumele bacetshiswe ngolwazi oluzokwenza bakwazi ukusheshe babone izimpawu zokuthi izingane noma abafundi bazo sebengena kule nkinga kusekahle ukuze inqandwe ingakabhebhetheki.