UMEME abantu esithangamini ezinkundleni zokuxhumana uSbu Buthelezi, ezoqinisekisa usehlukaniso sakhe nomsakazo uKhozi FM
UButhelezi ubonge umsakazo asehlale kuwo iminyaka engu-14. Yize engaphumeli obala ngezinkinga ezenze iSABC ithathe isinqumo esiwujuqu sokumchitha, ngemuva kokummisa amasonto ayisishiyagalombili. Kodwa uthi akukho ukungaboni ngaso linye phakathi kwakhe nomqashi ngqo.
“Ngiyaqinisekisa ukuthi umshado wami noKhozi FM usufike esiphethweni. Siyazi-ke ukuthi lesi sikhathi siyafika kweminye imishado. Engingakusho wukuthi akukubi njengoba sihlukana, anginanxa noKhozi FM kodwa sekuyisikhathi,” kusho yena.
Ubonge isiteshi nezingqalabutho ezifana noBhodloza Nzimande noLinda Sibiya abamcathulisa kwezokusakaza futhi bamaseka ohambweni lwakhe.
Engena odabeni lwenkampani, Abombuso Investments, okuyiyona okuthiwa udweshu lusuke ngayo, uthi wabona kuyithuba elihle lokuthuthukisa indlu emnyama.
Uthi wasithenga isikhathi somsakazo futhi banenkontileka njengezinye izinkampani, balandela yonke imigomo.
Uthi izinkinga zaqala ngonyaka odlule ngesikhathi somkhuhlane wezinkukhu, kwafa izinkukhu eziningi.
Uthi inkampani yakhe ayikho enkundleni iFacebook, futhi lokho wakuchaza nasoKhozini. Uthi uyazi ukuthi baningi ababevela bethi bezwa ngayo le nkampani kule nkundla, abanye bahamba baze bafika eSABC bekhala ngayo.
“Asimile. Umsebenzi uyaqhubeka. Amapulazi amaningi esinawo ayaqhubeka. Siyafisa ukwandisa umsebenzi wezinkukhu lezi zenyama nezinkukhu ezikhiqiza amaqanda,” kusho uButhelezi..
Uqhube wathi banesitolo lapho okutholakala khona yonke into esiza ngebhizinisi lezinkukhu futhi uyafisa ukuthi zande lezi zitolo.
Uyavuma ukuthi beyinkampani babhekene nesikhathi esinzima okwamanje kodwa nalokhu kuzodlula. Uxolise kubo bonke abayingxenye yebhizinisi, amakhasimende nabaphaki bomsebenzi.
“Uma kukhona lapho esininyathele khona amakhona, noma sangaxhumana nani ngendlela, siyaxolisa. Sikhona siyinkampani yabombuso futhi siyaqhubeka nomsebenzi,” kusho yena.
Uthi banethimba abaliqokile elizobhekela ezokuxhumana enkampanini, ukuze bakwazi ukukhula bafunde emaphutheni abo.