KUPHUME izidumbu ezintathu eMaoti, eNanda, izolo ngenkathi umphakathi uvuke umbhejazane ufuna kuboshwe izigebengu ezibamba inkunzi zidubule abantu udede. Isibalo sabafile sisho ukuthi eNanda kubulawe abayisikhombisa ezinsukwini ezintathu.
Izolo bekumi yonke into kuleli lokishi umphakathi ufuna ukuzibambela ezigebengwini othi ziyaziwa kodwa kaziboshwa. Kuvele ukuthi yingalesi sikhathi lapho kube nokuqhuma kwesibhamu kwalala abathathu. Kusolwa ukuthi abeqembu lemigulukudu abadumise izulu lezandla.
NgeSonto kubulawe owesilisa oneminyaka engu-18, obulawe amalungu omphakathi kade kufunwa ezinye izigebengu. Isehlakalo sokubulawa kwaleli bhungu silame esokudutshulwa kwabathathu ngoMgqibelo ebusuku abafele emqashweni osendaweni.
UMnuz Zoli Zimba, osenhlanganweni uMkhumbi kaNowa elwa nobugebengu, uveze ukuthi uNgqongqoshe wezamaPhoyisa kuzwelonke uMnuz Senzo Mchunu kumele angenelele kule ndaba.
Ekhuluma neSolezwe uthe, izigebengu yizona esezibulale laba besilisa abathathu abashonile izolo.
“Izigebengu azisazi nokuthi siyini. Kumanje siyabhikisha silwa nale nto eziyenzayo kodwa zona zikhetha ukuthi zidubule zibhekise kithi. Sicela ungqongqoshe afike emphakathini azozwa ukuthi sikhala ngani. Izidakamizwa yizona ezisibeke la sikhona manje. Impi lena eqale ngalaba bantu abadayisa iwunga bebelwa bodwa, nokuthe ngokuhamba kwesikhathi baqala babamba inkunzi badubule abantu. Usuku nosuku kule ndawo kuphuma isidumbu esisodwa noma ezimbili. Akuyona impilo lena esiyiphilayo sicela usizo,” kuchaza uZimba.
Uveze ukuthi okunye okubenza bangafuni lolu daba lubhekwe isifundazwe ukuthi amaphoyisa anawo amagama ezigebengu kodwa awazenzi lutho.
“Emaphoyiseni izigebengu ziyaziwa kodwa azenziwa lutho. Sicela amasosha kube yiwona afikayo la azolungisa lesi simo, ngoba sesiphumile kudala esandleni ukube indaba lena yasukunyelwa ekuqaleni ngabe asikho kulesi simo,” kuchaza yena.
UMnuz Sam Mfeka, obekhuluma nezindaba zakwa-SABC, uveze ukuthi okubakhathaza kakhulu ukuthi uma bengumphakathi bezilwela amaphoyisa afike abophe bona.
“Amaphoyisa awazibophi izigebengu njengoba zaziwa kodwa uma sesizilungisela thina, kuboshwa thina. Iyakhathaza impilo esiyiphila lana sicela usizo njengoba sesisaba,” kuchaza yena.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa engatholakali ukuba aphawule ngalolu daba.