Obengumsakazi woKhozi FM osule isigubhukane kulesi siteshi uMandla “Njinji” Magwaza ushaye ngamafuphi ebuzwa ngokushiya kwakhe.
Izindaba zokusula kukaNjinji zitshelwe abasebenzi kuWhatsApp wumphathi wezinhlelo obambile uMandla Mdletshe ngoMsombuluko ntambama.
UNjinji ubethula uhlelo Ukhozi FM Top 20 ngoMgqibelo emini.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi kuningi abephenywa ngakho okukholakala ukuthi ngezinye zezizathu ezimenze wesula inkontileka yakhe ingakapheli.
Kuthiwa phakathi kokunye wukufika emsebenzini esolakala ngathi uphuzule. Kuthiwa abanye babalaleli baze babhala nasezinkundleni zokuxhumana beshaya amakhala.
Kuthiwa wacela ukukhokhelwa ngezinsuku angazisebenzile. Njengomsakazi oyitoho, uhola nesikhathi asisebenzile.
Okunye kuthiwa kuvuke nokuthi wake wadlala isikhangiso esingagunyaziwe. Nokho kuvela ukuthi wagcina eyikhokhile leyo mali.
Ethintwa ngoLwesibili emini wenqabile ukuphawula ezwa ukuthi ukhuluma nentatheli.
“Ayikho into engifuna ukuyiphawula ngale nto. Ngiyazi uzobuzani,” kusho yena ngamafuphi.
Ezinyangeni ezedlule kuthiwa wake wacishe wabambana ngezandla nowayengumdidiyeli wohlelo lwakhe uBabheke Mthethwa.
“UBabheke ubhalele abaphathi uheheba lwe-email ebazisa ngengxabano yabo washo nazo zonke izigameko. Engathi wakhuluma nangobunye ubufakazi be-video echaza ngokungamphathi kahle nokuyilapho kube sekuthathwa khona isinqumo sokuhlukaniswa kwabo,” kusho umthombo ngaleso sikhathi.
Okhulumela iSABC uMmoni Seapolelo ukuqinisekisile ukuhamba kukaNjinji kodwa wangazidalula izizathu. Ubuzwe nangophenyo lwezinsolo ezibekwe yimithombo kodwa wangathi vu.
“Abaphathi boKhozi FM bengakuqinisekisa ukuthi uMandla Magwaza wesulile futhi abaphathi bamfisela okuhle kwazokwenza ngomuso,” kusho uMmoni.
Ngaphandle kokusakaza, uNjinji uzakhele udumo ngephimbo lakhe elalisebenza kumabika esiteshi nasezikhangisweni.
Uke wasebenza njenge-technical producer yohlelo lwasekuseni phakathi nesonto.
NgoDisemba 31 nyakenye wethula uhlelo lokuhlukanisa unyaka noMroza Buthelezi.
Muva nje, ubethula uhlelo uShuni Womhlaba kuSABC 1.