NGALESI sikhathi sonyaka emahhotela nasezindaweni zokulala basuke sebebheke izivakashi eziqhamuka kuzo zonke izinkalo, ezizonethezeka ziphumule ngamaholidi.
Abanye bazobe belala okokuqala kanti abanye, yize sebejwayele, kunemikhuba engavumelekile abayenzayo.
Kuba kuningi nokudideka ukuthi yikuphi okuvumeleke ukuthi ukwenze nokungamele nangebhadi ukwenze uma uvakashele kulezi zindawo.
UNkk Lindiwe "Lady L" Mhlongo oyiMenenja yaseGateway Hotel, eMhlanga, uthe abantu kumele bazihloniphe bona nezindawo abazivakashele.
"Abavakashi kumele baqaphe izinga lendawo abakulo ngokukleliswa kwazo ngezinkanyezi. Uthola ukuthi enye iyi-2 Star, 3 Star njalo njalo. Uthola ukuthi indlela osujabule ngayo igcina isiphazamisa nezinga lendawo okuyo," kusho uLady L.
Uthe uyakuqonda ukuthi abantu bajabula ngendlela engafani kodwa kumele baziqoqe.
"Elinye ikhasimende lethu laze lathi libona sengathi selokhu kwangena ibala lethu ezindaweni izinga liyehla. Lokho kudalwa ngabavakashi uqobo indlela abaziphethe ngayo. Uthola ukuthi abanye banomsindo, baphuza noma babheme ezindaweni ezingafanele. Uthola ukuthi umuntu ukwi-5 star kodwa angene endaweni yokudlela ehamba ngezinyawo noma eqimbile, ukwenza isibonelo. Akukuhle neze lokho ngoba kunobulili obungafani, kukhona nezingane ezincane kanjalo nezinga liphezulu. Endaweni yokubhukuda yilapho ongaqimba khona ufake izinto zokubhukuda," kuchaza uLady L.
Kuyenzeka abanye bagoduke namathawula nezinye izinto uma sebegoduka. ULady L uthe lokho akwenziwa nhlobo.
"Osuke ungafikanga nakho awugoduki nakho. Uma bekungekho esikhwameni sakho noma usugoduka kushiye. Uthola sesishayeka sesijahana nomuntu osehambe nezingubo zokulala, i-ayina neketela namathawula ethu amahle amhlophe. Ushukela nobisi nezinto zekhofi asibi nayo inkinga kakhulu ngoba usuke ukukhokhele. Nezinto zokugeza siyakuqonda ukuthi usuke ufuna ukuyovezela abantu ukuthi ubulele ehhotela. Amathawula kodwa washiye. Ama-sleepers nawo asibi nankinga ngoba asibe sisawaphindisela ukuthi agqokwe ngomunye umuntu. Siwafanisa nesixubho. I-gown kodwa iyasala."
Uphethe ngokuthi nokushutha kumele ungavezi abanye abavakashi ngaphandle kwemvume yabo.