KUSINDA kwehlela kubantu baseNingizimu Afrika njengoba igilosa yomndeni isibiza uR4 688.81 isuka kuR4 609.89 ebiyiwona ngoMeyi.
Lezi zindaba zidalulwe yinhlangano eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo, iPietermaritzburg Economic Justice and Dignity Group (Pmbejd).
Le nhlangano iveze ukuthi intengo yokudla neka-oyela ongahluziwe inyuswa wudlame oluqhubeka e-Ukraine, ukuvalwa kwemizila ehamba amaloli athutha ukudla nenye impahla phakathi kweKwaZulu-Natal neGauteng kanjalo nokunyuka kwamandla emali.
UMnuz Mervyn Abrahams wePmbejd uthe abantu baseNingizimu Afrika bathwele kanzima ngoba kusazonyuka imali yokugibela ngoJulayi, kunyuke nekagesi kanti negilosa ayizibekile phansi.
Uveze ukuthi ukudla okuwu29 kokuwu-44 abakucwaningayo kunyukile njengoba isigubhu samafutha u-5l sesiwuR228.94 kule nyanga sisuka kuR201.90, u-10kg kaflawa usuwuR115.90 usuka kuR108.37.
Okunye ukudla okunyukile yisaka lempuphu, isinkwa, u-anyanisi, curry powder, usawoti, isobho, ugreen pepper, cremora, ujamu, isitambu imargarine, iklabishi, amasi, amanqina enkukhu, iwors, inyama yangaphakathi nobhontshisi osethinini.
U-Abrahams uthe kunzima nokuthi abantu bathenge izimonyo ngoba nazo ziyanyuka kanjalo nezinto zokuhlanza indlu okubalwa insipho yokuwasha izimpahla, eyezitsha nokunye.
“Kusinda kwehlela kubantu bakuleli ngoba izindleko zokuphila ziyanyuka kodwa amaholo awanyuki. Isibonelo nje, abasebenzi abahola ngokohlelo lwe-minimum wage bathola uR3 895.92 kodwa igilosa ibiza ukudlula umholo wabo. Sithole ukuthi abanye basebenzisa uR2 075.50 ukuthenga ugesi nokugibela bese enye isebenza ukuthenga igilosa,” kusho u-Abrahams esitatimendeni.
Uthe kufanele kube nesibonelelo sabangasebenzi ngoba ingcosana esebenzayo idonsa kanzima njengoba bewu-11.3 million abantu abangasebenzi kuleli.
Uthe abesifazane yibona abathwala usizi kakhulu ngoba ukudla okunomsoco kwengane kubiza uR813.29 kodwa uhulumeni ubanika isibonelelo sikaR480.
Isizathu sokuthi athi yibona abathwala usizi uthe yingoba izingane ziqhweba bona uma sezilambile.
Ucele uhulumeni ukuthi engeze izibonelelo zezingane nezabadala njengoba wayenza ngesikhathi iCovid-19 isadla lubi ukuze abantu bakwazi ukubhekana nentengo ephezulu yokudla.