BEZIYINSAKAVUKELA izigameko zokubulawa kwabesifazane ngesihluku kulo nyaka.
Bezibonakala ezingxenyeni ezahlukene KwaZulu-Natal.
Nokho ezigqame kakhulu yilapho abesilisa bebebulala abathandana nabo bese lokho beyokunameka ezinkundleni zokuxhumana kubonwe yizwe lonke.
Iphoyisa loMkhandlu weTheku, uConstable Sizwe Ngema (27) laba sematheni ngoMashi nonyaka ngesikhathi “libulala“ intombi yalo ngesihluku, uConstable Biancha Khuzwayo (24) lase linameka imizuzu yakhe yokugcina ezinkundleni zokuxhumana.
Kule-vidoe eyathusa wonke umuntu, uConst Khuzwayo wayebonakala ephuma igazi ngamakhala nangomlomo, egcwele igazi esifubeni.
Lesi sigameko senzeka efulethini likamsolwa, enkabeni yeTheku.
Muva nje uMnuz Sibusiso Lawrence Ntaka (32) waseMalangeni, eMzinto, wenze okufanayo, egwaza, ebulala ingoduso yakhe uNksz Nontobeko Cele (24) waseMandawe, ngaseScottburgh, maqede naye wazikhunga.
Ngaphambi kokuba azikhunge uNtaka, ugonyuluke ngathe kuholele ekutheni abulale uNksz Cele. Lokhu ukwenze nge-video ayinameke ezinkundleni zokuxhumana.
Kule-video, lapho ebonakala esagcwele khona igazi ebusweni, uphimisele amazwi athi “nizothi nginesihluku...“ bese kuthi ngasekupheleni kwayo, aveze uNksz Cele edindilizile, enamanxeba entanyeni.
Lesi sigameko silanywe ngesowesilisa waseDanganya, eMgababa okuthiwa ugwaze wabulala unina wengane yakhe uNksz Bongeka Makhathini (22) nendodana yabo u-Okuhle Makhathini (3). Naye ugcine ngokuzikhunga.
Yena kuthiwa wenze inkulumo eqoshiwe (i-voice note) wayithumelela umalume wakhe ngo-WhatsApp emtshela ukuthi uzobafica kuphi.
Kuyona kuthiwa uveze ukuthi usekhathele ukuhlushwa unina wendodana yakhe.
Kukhulunywe kakhulu ngesigameko esenzeke ekupheleni kuka-Agasti lapho, uMnuz Siphamandla Khumalo (34) abhokoda khona ngommese unina wengane yakhe (4) uNksz Nomfundo Msibi (30) phambi kwabantu eGateway, eMhlanga.
Kwavela ukuthi wamyenga ngokuthi uzomkhiphela i-lay-by yakhe, kanti uzothi uma esefikile, akhiphe uhalakasha lommese, amgwaze, ambulale.
Owesilisa ongumpheki, uMnuz Zimisele Dlulisa (29) kuthiwa wabulala unina wezingane zakhe, uNksz Mbali Mokokane (29) maqede wadla ukudla eceleni kwesidumbu, kwaba sengathi akwenzekanga lutho.
Isigameko kuthiwa senzeka eLusaka, eNanda lapho babehlala khona bobabili.
Lwaba yindaba egudwini udaba lwabesifazane ababili ababengabangani, uNksz Anele Mbokazi (29) nomngani wakhe uNksz Zizipho Gabisa (30) okwatholakala izidumbu zabo zidindilizile eKenville.
UDkt Manqoba Myeni ungudokotela oweluleka ngezengqondo, eThekwini, usihlabe wasihlikiza isenzo sabesilisa ababulala abathandana nabo bese benameka ezinkundleni zokuxhumana.
“Izinkundla zokuxhumana nazo zinendima embi eziydlalayo kulesi sihlava esikhona manje. Laba besilisa abanamekayo ezinkundleni zokuxhumana basuke behlambalaza. Ngempela kungani ubulale umuntu bese lokho uyakusakaza,” kusho uDkt Myeni.
Uthe okubi ngalesi sihlava ukuthi kuye kuzwakale kuphela uhlangothi lowesilisa echaza ngomnyombo wesinqumo asuke esefinyelele kusona.
“Asibe sisaluthola uhlangothi lowesifazane naye sizwe kuyena ngoba usuke esebulewe,” usho kanje.
Wexwayise abesifazane ukuthi mabasheshe baziqaphele izimpawu zomuntu wesilisa okungenzeka ngelinye ilanga agcine esembulala.
“Akekho umuntu wesilisa ongaqhamuka esekubulala nje engazange akuhlukumeze phambilini. Ngokujwayelekille ukubulala kwenzeka emva kochungechunge lomlando wokuhlukumezeka kowesifazane kodwa abekezele,” usho kanje.
Eqhuba uthe kumele intsha ifundiswe ukuthi othandweni izinto zihamba kahle ziphinde ziguquke futhi okungasho ukuthi kukhona osekumele abulawe.
Uphose inselelo kwabasuke besondelene nowesifazane ohlukunyezwayo wathi abamlekelele ukuthi abike emaphoyiseni futhi ahambe abeluleki ukuze abone ukuthi kufanele aphume ebudlelwaneni obumhlukumezayo ithuba lisekhona.
UNksz Nombuso Sibisi wenhlangano, iWomen of uMthwalume uthe kuyethusa ukubona lezi zigameko zanda kangaka.
“Abantu besilisa bakhuliswa kabi, ukuthi kugcina izwi labo. Uma esaliwa uvele abone sengathi owesifazane usenamandla kunaye bese embulala,” kusho uNksz Sibisi.
Uthe kusadingeka ukuthi imiphakathi nezinhlangano ezilwa nalesi sihlava zisukumele eyokufundiswa kwabantu besilisa ngokuthi izimfundiso zasemandulo zokuthi abesilisa babe ‘ozwi lami’ azisenandawo kulesi sikhathi okuphilwa kuso.
Uthe kumele kukhishwe insila esemiqondweni yabesilisa yokungafuni ukwamukela ukuthi nabesifazane banalo ilungelo lokuphumela obala ngabangakufuni.