UBEBEKEZELELA ukuhlukunyezwa owesifazane waseMpophomeni, okuthiwa ugwazwe yisoka lakhe wafa ngemuva kwengxabano ebishubile phakathi kwabo.
Umufi, uNksz Amanda Malaza, kuthiwa ubulawe yisoka lakhe elisagcwele amathafa namanje.
Isolezwe likhulume nomalume kamufi, uMnuz Nkosinathi Mhlabunzima Xaba, okuveze ngokusobala ukuthi umshana wakhe ubesesandleni sendoda engumhlukumezi.
Uqale ngokuveza ukuthi umnyombo wengxabano yalaba ukuthi umufi ubefuna ukuyovakashela o-anti bakhe eMbali, umsolwa eshaya phansi ngonyawo wagcina ngokumbulala.
Uqale ngokudalula ukuthi laba ababili bebekipitile futhi sekuphele isikhathi eside bethandana, wathi umshana wakhe ikhanda lakhe beselitobozela njengotamatisi njengoba umsolwa kuvela ukuthi uqale ngokumngqubuza odongweni ngaphambi kokuba amgwazwe ambulale.
Uveze ukuthi umfowabo kamsolwa naye uthelwe ngamachaphazelo ngoba isimo sakhe sisibi kakhulu esibhedlela njengoba naye bemgwazile ngesikhathi ezama ukulamula.
Uthe bathole ucingo obelubazisa ukuthi umshana wakhe usephuthunyiswe emtholampilo kanti vele bese bephuthumisa isidumbu, wathi ziningi izikhawu eziwubufakazi bokuthi umshana wakhe ubebekezelela ukuhlukunyezwa kulolu thando.
"Kukhona lapho ake amqongqotha khona ngesando engalweni. Ushona nje umshana wami ingalo yakhe ibingasasebenzi nje nhlobo ngenxa yokuthi wamlimaza kabi,'' usho kanje.
Uveze ukuthi kwesinye isikhathi umsolwa ubeke akhiyele umufi endlini izinsuku engafuni ukuba aye kubo.
"Uyabona nje, kukhona isikhathi lapho umshana wami kwakufanele ayovakashela khona o-anti bakhe abahlala eMbali kodwa kwagcina kungenzekanga lokho ngoba bamvalela endlini,'' usho kanjena.
Uthe kukhona isikhathi lapho umshana ayesethole khona itoho kwezinye zezitolo ezinkulu eMbali, kodwa wasebenza kancane wayeka ngemuva kokuba isoka lamyekisa, lingafuni asebenze khona.
Ugcizelele ukuthi bafe olwembiza ngokubulawa kukamshana wakhe amchaze njengentombazane ebihlonipha futhi ibazisa abantu abadala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe kalukho udaba olufuze lolu oluke lwabikwa emaphoyiseni.
Kwenzeka lokhu nje, bekusabatshazwa isihluku sowesilisa (uMnuz Mlondi Cele) ogwaze unina wengane yakhe uNKSZ Bongeka Makhathini nendodana yakhe u-Okuhle Makhathin i(3), maqede wazikhunga eMgababa, eThekwini ngoLwesihlanu.
Lesi sehlo silame esaseMzinto, lapho uMnuz Sibusiso Lawrence Ntaka (32) waseMalangeni, egwaze wabulala umama wengane yakhe uNksz Nontobeko Cele (24) waseMandawe, maqede wazikhunga ngoLwesithathu.
Ngaphambi kwalokho, bekubatshazwa isihluku eCliffdale, ngaseHammarsdale, sowesilisa okuthiwa ubabulale obomndeni namaphoyisa amasonto elandelana.
Esigamekweni esenzeke ngeledlule kulungiselelwa umlindelo kaNobuhle Majola (16) noNksz Nomfundo Majola (23), okuthiwa umsolwa wababulala ekuqaleni kwenyanga eClermont, ngasePinetown, kuvela ukuthi ubulale uNkk Thulile Majola (67) noNksz Phindile Majola (38).
Akagcinanga lapho, wabulala amaphoyisa amabili asesiteshini saseHammarsdale, abebizelwe endaweni yesigameko, uCaptain Naveen Pather obengumphathi siteshi noWarrant Officer Dumisani Ndlovu obengumphathi wabaseshi.