USINGABABA (40) ugwetshwe udilikajele ngokudlwengula indodakazi (angayizali) eneminyaka engu-16 ubudala wayithelela ngesandulela-ngculaza.
Kuvele enkantolo ngesikhathi kuqhubeka icala ukuthi umgilwa wanukubezwa nguyise ongamzali ngo-2020, emjondolo abebehlala kuwo nomama wakhe, udadewabo umnance naye umsolwa eBloemspruit, eBloemfontein, Free State.
Isigameko kuthiwa senzeka ebusuku ngesikhathi unina kamufi elele esibhedlela. Ngemuva kwalokho, umgilwa wathola ukuthi usene-HIV emva kokugula ecabanga ukuthi ukhulelwe, wase efudukiswa wayohlala nomzala wakhe eSasolburg.
Udaba lokudlwengulwa kwakhe luvele ngesikhathi kuvakashe isihlobo khona eSasolburg asibikele ngokumehlele, kwathi isihlobo sabikela amaphoyisa endawo.
Icala ladluliselwa ophikweni oluphenya amacala okuhlukunyezwa kwemindeni, ukuvikelwa kwezingane, namacala ocansi eMangaung, laphenywa uSergeant Makhetha obesebenzisana kakhulu nophiko lwezokushushiswa.