BAHALALISELE umrepha uZuluboy omemezele ukuthi useshadelwe eNew York lapho ebebonakala khona kulamasonto adlule.
UZuluboy ubhale ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi ushadelwe yisinqandamathe sakhe angasidalulanga ngegama.
"Sekuyiminyaka eyisikhombisa futhi usuku selugcine lufikile... Kukho konke ngisakholelwa othandweni. Ngikubheke ngabomvu ukukhulisa umndeni wethu nalo mphefumulo omuhle futhi umngani wami omkhulu. Uhhafu wesibili usuqalile... Bafowethu, ngiqeda kushadelwa," kubhala uZuluboy.
Kulamasonto edlule ubelokhu ebonakala ekhona eNew York kangangokuba uKhisimusi wawudlela khona. Akalufihli nothando lwakhe ngoba ulokhu esinameka isinqandamathe sakhe.
NgoNcibijane wabhala ukuthi u-2024 kwaba wunyaka omuhle kuye ngoba ngosuku lwakhe lokuzalwa wabusiswa ngendodana.
Abantu bamhalaliselile ngokushadelwa.
"Halala bafo," kubhala uDJ Sox.
UPearl Modiadie uthe yizindaba ezinhle futhi uyamhalalisela.