INKANTOLO yeMantshi yaseNdwedwe ikuhlehlisele uLwesithathu oluzayo, ukulalelwa kwesicelo sebheyili sowesilisa nendodana abasolwa ngokubulala isihlobo basigqibe ethoyilethi lomgodi nyakenye.
Kulesi sigameko esenzeka eMwolokohlo, eNdwedwe, abamangalelwa, uMnuz Sabelo Cele, ongumsolwa wokuqala, noyise uMnuz Khehla Cele (46), ongumsolwa wesibili, kuthiwa babulala uMnuz Nkosinathi Vilakazi (25).
Kwavela ukuthi uVilakazi wagcina ukubonwa ngoJulayi 21, 2024, eya esitolo.
Isidumbu sakhe saze satholwa ethoyilethi lasekhaya labasolwa ngasekupheleni kuka-Agasti 2024, sesonakele.
Izolo, bekulindeleke ukuthi abamangalelwa bafake isicelo sebheyili kodwa kwangabe kusenzeka njengoba kuvele ukuthi umsolwa wokuqala ubegula, wangabe esalubhada enkantolo.
Kuthiwe ummangalelwa wesibili ubekulungele ukuthi aqhubeke nokufaka esakhe isicelo kodwa inkantolo yakhipha umyalelo wokuthi kuzofanele basifake kanyekanye.
Ibe isikuhlehlisela uLwesithathu ukufakwa kwesicelo sabo.
Ngesikhathi bekhalelwa amasongo kaSigonyela ngo-Agasti nyakeye, kwase kuvele umkhondo wokuthi umuntu owagcina ukubonwa elandela umufi, ummangalelwa wokuqala.
Kuthiwa baboshwa emva kokuthi umphakathi uludlulisele emaphoyiseni lolu lwazi.
Umphakathi watshela Isolezwe ukuthi abantu abebedlula eduze komuzi wabamangalelwa, bebebona abasolwa bediliza ithoyilethi, bebeka amatshe kasemende, benganaki, bezitshela ukuthi bazidilizela ithoyilethi elidala.