KUVELA ukuthi ubeyiboleke esokeni asethandana nalo manje i-AK-47, okuthiwa udubule ngayo uyise wengane yakhe ngoMsombuluko, owesifazane wase-Azalia, eMgungundlovu.
Isolezwe lithole ukuthi umgilwa obelimele kakhulu uphuthunyiswe esibhedlela, kwathi umsolwa okuvela ukuthi uyi-lifeguard ngaphansi kukaMasipala waseMsunduzi, waboshwa.
Ezinkundleni zokuxhumana kusabalale i-video eqoshwe umuntu obesezindlini ezingenhla komgwaqo obekwenzeke kuwo isigameko.
Kule video, kuvela umsolwa ephethe inhlokohlela yesibhamu ngesandla, umgilwa esevele elele phansi, kubonakala ukuthi usedutshuliwe.
Umgilwa uzwakala ekhala enqandula, kuthi umsolwa azwakale egqagqamuka eshiya angalazi.
“Uyangijwayela wena. Ingane wayigcina inezinyanga ezine (kodwa) uzobukisa ngami?” esho eqhumisa isibhamu emoyeni.
Uphinde aqhubeke asole umgilwa ambiza ngoSathane, ngokuthi wamshiya, wasale wamkhulisela ingane yakhe. Ngesikhathi ekhuluma kanje, ubonakala elokhu emshaya ngaso ebusweni isibhamu. Akagcini lapho, uphinde amkhahlele nangezinyawo.
Kuvele abantu ababili, okubonakala sengathi bazama ukuzomkhuza, nabo avele abagagazise.
Ephendula lo omkhuzayo, uzwakala ethi: “Ungangijwayeli kabi wena. Uyangizwa ukuthi ngithini? Lo $ihl#ma uhambe etshela abantu ukuthi angifuni abone ingane ayishiya. Uyangida##lwa, akakaze ayondle ingane.”
Umthombo ocele ukungadalulwa omazela eduze umsolwa, uthe uyi-lifeguard eMsunduze, wathi i-AK-47 eyesoka elingunogada kwenye yezinkampani zonogada eMgungundlovu.
“Lesi sibhamu adubule ngaso uyise wengane ubesintshontshe esokeni lakhe elingunogada,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi uwumuntu othanda ukudlala ngesibhamu, wathi nanyakenye, wake wasiphatha emsebenzini isibhamu, wangagcina lapho, waze wasiqhumisa.
“Yabikwa le nto kumphathi wakhe kodwa kwangenzeka lutho njengoba kuthiwa bayathandana futhi naye umphathi wakhe,” kusho umthombo, othe le ndaba yavele yanyathelwa ngezinyawo.
Uthe abanye abasebenzi abazange bajabule ngalokhu njengoba baqala lapho ukuzizwa bengaphephile ngozakwabo odlala ngesikhali esiyingozi emsebenzi maqede angenziwa lutho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asePlessislaer abophe owesifazane (35) ngecala lokuzama ukubulala kulandela isigameko sokudutshulwa kowesilisa e-Azalia, ngoMsombuluko.
“Kubikwa ukuthi umsolwa waba nenkulumo mpikiswano nowayeyisoka lakhe lakudala, anengane naye. Kuthiwa wahamba, wabuya esephethe isibhamu, wase edubula umgilwa,” kusho uNetshiunda.
UNetshiunda ukuqinisekisile ukuthi ngesikhathi eseboshwa amaphoyisa, kwavela ukuthi isibhamu ngesesoka lakhe asethandana nalo manje.
“Uzovela enkantolo namuhla,” usho kanjena.