ZINGU-27 izifunda ezizoshayeka kakhulu ngokumiswa okwesikhashana koxhaso lokulwa ne-HIV obelukhishwa nguhulumeni waseMelika, olumiswe nguMengameli waleliya lizwe uDonald Trump.
UTrump umise lolu xhaso njengoba esalubuyekeza kanti aluthinti elakuleli kuphela kodwa luthinta namanye amazwe ase-Afrika.
UNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, utshele abezindaba eGoli izolo ukuthi basenza ucwaningo lokuthi ungakanani umonakalo ozodalwa yilesi sinyathelo sikaTrump.
Uthe kuleli yizifunda ezingu-27, kwezingu-52 eziyingxenye yezisizwa yilolu hlelo lwaseMelika.
“I-Afrika yilona lizwe kuphela emhlabeni elisabalalisa imishanguzo ebantwini abaningi abahaqwe yi-HIV. Bangu-5.5 million abadla le mishanguzo kuleli. Sisebenzisa u-R44 billion kulolu hlelo,” kusho uMotsoaledi.
Uthe abakayitholi incwadi evela eMelika ebazisa ngokumiswa koxhaso.
“Sisezwe ngalabo abathola uxhaso okuyi-Wits, okuyiyona ethola ngqo lolu xhaso esebenzisana nemitholampilo ehlukene kuleli. Sisabheka ukuthi ungakanani umonakalo ozodaleka ngalesi sinqumo.
“Izifundazwe ezizoshayeka kubalwa i-KZN enezifunda eziningi ezweni njengoba ziyisikhombisa ezisizwa yilolu hlelo. Kulandela i-Eastern Cape ngezinhlanu, zine eGauteng kwezinye izifundazwe zintathu bese kuthi eLimpopo zibe mbili,” kusho uMotsoaledi.
Uthe sekuneminyaka eyevile ku-20 kusetshenziswana neMelika ukulwa nezifo ezehlukene kuleli.
Ngokwezibalo ze-Pepfar, bangu-21 million abantu basemazweni angu-55 abahlomula ngokohlelo lwale nhlangano lwemishanguzo yokuthithibalisa ingculazi.
Ngakolunye uhlangothi uNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uthe asikho isivumelwano abasenza namaqembu ababambisene nawo kuhulumeni, ukuthi kumele baqale bavumelane nawo ngaphambi kokuba kuphasiswe imithetho kuleli.
UMbalula uthe indaba yokusayinwa komthetho wokubuyiswa komhlaba, akuwona umthetho omusha njengoba umthetho sivivinywa udlule ezinhlakeni ezehlukene okubalwa nePhalamende.
“Umengameli usayine into ebivele isezithebeni zakhe. Akukho lapho savumelana khona ne-DA noma namanye amaqembu esibambisene nawo kuhulumeni wokubambisana, ukuthi sizozwa ngawo kuqala ngaphambi kokuphasisa umthetho,” kusho uMbalula.
Uthe bayaqhubeka nokudla umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo njengoba ususayiniwe umthetho.
Udlulise amazwi enduduzo emindenini yamasosha ashone e-DRC.
Uthe la masosha ayengayile kuleliya lizwe ukuyolwa kodwa ayeyoqinisekisa ukuthi kunokuthula.
UMbalula uveze ukuthi kuzoba nesithangami nabezindaba lapho uMnyango wezokuVikela uzochazela isizwe ngokwenzekile.
“Afe engamaqhawe la masosha asale enkundleni. Abengayile e-DRC ukuyovikela izinto ezithile kodwa abeyoqinisekisa ukuthi kunokuthula,” kusho uMbalula.