UBEMOYIZELA waze waqabula isandla waphephetha emoyeni uMusa Khawula ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg.
UMusa ozakhele ugazi ngokukhininda izindaba ezithinta osaziwayo, uboshwe emasontweni amabili edlule.
Ubhekene namacala athinta ukubhala kabi ezinkundleni zokuxhumana ngosomabhinisi uZe Nxumalo.
Izolo ungene ebhokisini labasolwa emamatheka. Ngesikhathi kukhuluma ummeli wakhe, umshushisi nemantshi, ubebonakala emoyizela aze aqabule esandla ephephetha emoyeni.
Ummeli wakhe uthe ngeke baqhubeke nokucela ibheyili ngoba unelinye icala alihambayo.
NgoLwesihlanu, uvele eNkantolo yeMantshi yaseFochville, lapho ebhekene khona necala lokuzama ukubulala, ukushayela budedengu, ukungamsizi umuntu nokungabiki ingozi emaphoyiseni.
Ummeli wakhe uthe abasiboni isidingo sokuqhubeka nesicelo sebheyili kusekhona elinye icala eliqhubekayo.
Umshushisi uveze ukuthi uphenyo alukaphothulwa ngoba kusanezitatimende ezishodayo. Ucele ukuthi icala lihlehliselwe uFebhuwari 18.
Lokhu kwenze uMusa wacela ummeli wakhe ebukeka sengathi akahambisani nalokho kodwa kwangathi bayavumelana.
NgoLwesithathu uzobuyela eNkantolo yaseFoschville.
Kwenzeka lokhu nje, ngempelasonto kuqalwe umkhankaso wokuthi ashayelwe indishi yezindleko zabameli. Inhloso wukuhlanganisa o-R50.
Izolo ntambama kuvele ukuthi sekuqoqwe u-R1 765 onikelwe abantu abangu-27 abahlukene.