UMSOLWA okuthiwa ubefunwa uthuli ngamaphoyisa KwaZulu-Natal ufe ujuqu ezwanamandla ngenhlamvu namaphoyisa ngoLwesine emini.
Umufi oneminyaka engu-22 kuthiwa ngumholi odatshwayo weqembu osatshwayo, iWest Gang, ubenabangani bakhe ababili ngesikhathi beficwa ukufa eCottonlands, eVerulam.
Amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi lo msolwa ubelibangise eMhlanga uyolanda izidakamizwa nezikhali. Nebala amaphoyisa anikela khona.
“Sebephuma eMhlanga, abasolwa bashintshe imoto abebehamba ngayo kanti amaphoyisa ahleli ezithendeni zabo abuka yonke into, abalandele baze bapaka eceleni komgwaqo uVincent Dickison, eCottonlands,” kusho amaphoyisa.
Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa asondela kule moto abasolwa bavele bavulela ngenhlamvu, lwaqala lapho uthuthuva.
Umufi ufe nomngani wakhe oneminyaka engu-27 ubudala bafele khona lapho, kwathi omunye wacela empunzini.
“Amaphoyisa athungatha umsolwa wesithathu obalekile, futhi asazoyiseshisisa kahle imoto ebihamba abasolwa, kodwa sitholakele isibhamu esisodwa ebeiphethwe umholi wemigulukudu ofile.”