IBANDLA lakwaShembe liyaziphendulela ebantwini abakhwele badilika kulo emuva kokusabalala kwezithombe zamalungu alo eshadelwa ngamatshitshi abukeka eseyizingane.
Ekuqaleni kwaleli sonto kuqubuke umsindo, abantu bekhwela bedilika kuleli bandla belisola ngokuhlukumeza izingane. Abanye baze balibeka ngembaba elokuthi ngabazali balezi zingane baganisa amadodakazi abo namakhehla ngenxa yokuxakeka.
Omunye wabashiye abangalazi kuleli bandla ngumculi we-Afro pop, uNaledi Aphiwe (18), osanda kukhipha ingoma ethi Romeo and Juliet. Izinkulumo zikaNaledi zisabalalele ezinkundleni zokuxhumana.
“Awathathwe nje la makhehla eyolahlwa e-Old Age Home, ahlukane nodadewethu... Awu ngeke into engashona noma inini, sengizoba wumfelokazi-ke ngimncane kanje...Ngeke ngingayingeni phela ngiyokwenza i-hospitality, kumele ngijove la makhehla anoshukela...Ngizonijaja nize nidivose... Uthi uyavuka ekuseni nali ikhehla lakho lilokhu lihleka eceleni,” kubhala uNaledi.
Ethintwa uNaledi, ophendule ucingo lwakhe uthe ngeke aphawule futhi ufuna uNaledi angafakwa ezindabeni zalolu hlobo.
“Ngicela ungabhali lutho bandla,” kusho umphathi kaNaledi elingatholakalanga igama lakhe.
Okhulumela leli bandla, ohlangothini lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwabe, uqale ngokugxeka amaNazaretha ngokusabalalisa lezi zithombe ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe lokhu akuvumelekile ebandleni kangangoba kwake kwavalwa ukushuthwa kwezithombe emihlanganweni yebandla.
Uthe uNaledi ukhuluma into angayazi ngoba akazi ukuthi buyini ubuntombi.
UMncwabe uthe kungamampunge ukuthi amatshitshi aqonyiswa ngabazali bawo ekubeni wona engafuni. Uthe abazali basuke bengazi lutho futhi abahlangene nokuqonyiswa kwamadodakazi abo.
Uthe insizwa ifike ikhulume nentombi kungekho mzali futhi abazali baze bazi ngomkhwenyana wabo ngoba eselobola noma esezombesa.
“Intombi ikhethwa eSipholi seyikhulumile futhi yavumelana nesoka layo. Kusuke kuyinhlanhla uma intombi ikhethwa wumuntu osuke aziwa ngabazali.”
UMncwabe uthe okwenzeka kaShembe akwehlukile kokwenzeka emphakathini.
“Uma insizwa ibona intombi emgwaqweni, ikhuluma nayo noma ikhuluma nabazali bayo kuqala?” Uthe ngisho ikhethwa intombi, abazali basuke bengazi.
“Ithatha lezi zipho ezitholile izikhombise abaphathi bazo. Bona bazibona sebesendlini ekhaya.”
UMncwabe uthe kungamampunge ukuthi kunamakhehla akhetha izintombi ezineminyaka engaphansi kuka-18.
Uthe umthetho wakwaShembe uthi insizwa ayikhethe intombi esineminyaka eyevile ku-18 ngoba isuke seyikwazi ukuzicabangela. UMncwabe uthe kusho ukuthi abantu bayakuthokozela ukubona izintombi zikhuleliswa ngamaphara bese engazihlawuli.
“Abantu abayikhulumi leyo kodwa bagxeka into enhle eyenzeka kwaShembe.”
Esephetha, uthe kungamanga ukuthi kunezintombi ezingamaNazaretha ezithi ziqonyiswa ngenkani.
Enye intokazi okusolwe ukuthi iqome ikhehla ineminyaka ewu-14, u-Esethu Jali, kodwa yena uveze ubufakazi bokuthi wenza unyaka wesibili eMangosuthu University of Technology futhi uneminyaka engaphezu kuka-18 kulo nyaka.
Abanye bakhala ngokuthi izintombi zibuye zikhethwe ngabantu besilisa asebengomakadebona kangangoba banamakhosikazi amaningi nenqwaba yezingane, okubeka izintombi engcupheni yokutheleleka ngesifo socansi ekubeni zona bezizigcinile.