KUBIKWA ukuthi kuphangalale abane ngesikhathi kuginqika iveni Ogunjini.
Kuthiwa kubhubhe abantu abane kwalimala kabi abanye ngesikhathi iveni yohlobo lweNissan ebilayishe abantu abangu-15 iphaphalaza yaginqikela ngale komgwaqo ngokusa kwangeSonto.
AbeReaction Unit South Africa bafike ngo3:53 bathola abane sebebhubhile.