BAPHEBEZA eyokuphuzwa kwejiki okungenza kube nabazomosha baphazamise inkulumo kaMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ebhekiswe esizweni uma sekuvulwa nePhalamende ngesonto elizayo eKapa.
Lokhu kushiwo abaholi bamaqembu ahlukene, abachitha eyomnikelo wejiki, ozonikwa ihhovisi likaSomlomo uNkk Thoko Didiza.
Emhlanganweni wokuqala ohlanganisa osotswebhu bamaqembu ePhalamende izolo, uNkk Didiza utshele laba baholi ukuthi kunezinkampani ezifuna ukunikela kulo mcimbi okusuke kukhona wena bani kuwona, kusuka emajajini, ezimantshini, osomabhizinisi, ondunankulu bezifundazwe nezimenywa ezehlukene lapho umengameli esuke ehlahla indlela yezinto ezizokwenzeka kulowo nyaka kuhulumeni.
Ubiza umhlangano wePhalamende, osuke uhlanganisa zombili iziNdlu, okuyiNational Assembly neNdlu yoMkhandlu weziFundazwe. Uzokwethula le nkulumo ngoLwesine ngo-7 ebusuku,
UNkk Didiza uthe kwabafuna ukunikela kukhona abazoletha ukudla, abanye balethe utshwala.
UNkk Hlengiwe Mkhaliphi we-EFF, ukhuze ibhadi wathi kuthunyelwa siphi isithombe uma kwamukelwa utshwala emcimbini ofuze lo ekubeni isizwe sibhekene nenkinga yophuzo oludakayo.
“Ngeke Somlomo. Kungani singathathi lo mnikelo ube yimali, bese kukhokhelwa izingane ezishoda ngemali ezikhungweni zemfundo ephakeme? Asikwazi ukuthi singavumela abantu baphuze emsebenzini,” kusho uNkk Mkhaliphi.
Uthe lokhu kufana nokuthi kuvunyelwa abantu baphuze emsebenzini ngoba amalungu ePhalamende asuke esebenza.
USotswebhu we-ANC uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe bake bayixoxa eyomnikelo ozotholakala nabanye abaholi bamaqembu ePhalamende.
Uthe iPhalamende ilona okumele linqume ukuthi lolu hlelo luzohamba kanjani.
“Sethemba ukuthi awekho amalungu ezofika edakwe engazazi nokuthi angobani ngoba kunejiki lamahhala. Angiboni ukuthi abantu bangafika bedakiwe ngoba befuna ukuzophazamisa inkulumo kamengameli,” kusho uNtuli.
UMnuz Steve Swart we-ACDP, uthe abafuni kube nabazodlonya utshwala bese bephazamisa, bamoshe usuku.
UMnuz Vuyo Zungula we-ATM, uthe kuthumela isithombe esingesihle ukuthi kuxhaswe lo mcimbi ngejiki bese abantu bedakwa bangaziphathi kahle.
“Sinenkinga yotshwala ezweni. Uma abantu befuna ukudakwa, kumele bakwenze lokho ngesikhathi sabo,” kusho uZungula.
UMnuz Visvin Reddy weMK, uthe amanye amalungu ahlale ebonakala sengathi adakiwe nsuku zonke.
“Asihambisani nokuthi kube notshwala kulo mcimbi sengathi siyahalalisa. Le mali ingasebenza ngezinye izindlela hhayi otshwaleni.”
UNkk Didiza uthe uyayizwa imibono yamalungu mayelana nokunikelelwa ngotshwala, uzoyixoxa nalabo abebezonikela.
“Odabeni oluthita ukudla okuzonikelwa, kuzodliwa etendeni ngemuva kwenkulumo kaMengameli. Akuzodliwa ngaphambi kwale nkulumo kodwa ngemuva kwayo ukuze izimenywa kubalwa namalungu ePhalamende babambe umoya emuva kwale nkulumo,” kusho uNkk Didiza.
Amalungu abuye akhala ngokuthi le nkulumo izoba seCity Hall, ekubeni bekumele ibe setendeni elikhulu elizogxunyekwa.
Kubikwe ukuthi leli tende libuye libe yinkinga uma sekuqubuka umoya omkhulu eKapa.