UMZUKULU ononyaka ukhale waze wazumeka ezinyaweni zikaninakhulu obesegwaze wafa esigamekweni esenzeke eNgudwini, eMgababa, ngoLwesibili.
UNkk Nora Nzimande (64) utholwe phakathi emzini wakhe omakhelwane namadodakazi akhe, esethule emboziwe ngemuva kokuthi ekuseni ngalolu suku, bezwe ukukhala obekuqhamuka ngakwakhe.
Ikhuluma neSolezwe indodakazi yakhe, uNksz Nelo, iveze ukuthi kwabona basadidekile ukuthi ngubani obengeza isigameko esibuhlungu kangaka kubo njengoba kucaca ukuthi akusona esobugebengu, ngenxa yokuthi akuthathwanga lutho.
“Umama ubehlala nezingane ezimbili ezingabazukulu ngoba nami nodadewethu singahlali ekhaya. Ngosuku olwandulela olwesigameko, udadewethu wayebuyile ezobabona elethe nokudla okuncane, wavuka wahamba ngalo uLwesibili ngehora lesihlanu ekuseni. Wase elandelwa yilo omunye owayeya esikoleni, umama wasala nononyaka.
“Umama owumakhelwane uthi uzwe ukukhala nokula ahambe waya ngasekhaya wafike wamemeza, wezwa ingane ikhala kodwa akwangaba khona muntu ophendulayo. Kula ashayele khona ucingo udadewethu, wabuya ekhaya. Uma efika bafica amawindi wonke endlini evuliwe nokuyinto ebingajwayelekile ukuthi umama ayenze. Uma bezama ukuvula umnyango bahluleka, kwaze kwaphoqa ukuthi bangene ngewindi. Bamfice umama elele ephaseji, ingane ilele ezinyaweni zakhe ngenxa yokuthi yakhala yaze yazumeka kuye,” kuchaza uNelo.
Uthe okubaxaka kakhulu ukungathathwa kwezinto ezisendlini, nokuveza ngokusobala ukuthi umbulali ubehlose impilo kanina.
“Ekhaya kwakhe kwangena izigebengu kudala kwaba khona ezikuthathayo, kodwa kulokhu ngisho ucingo lwakhe belukhona. Asazi ngempela ukuthi bekonakelephi, kubuhlungu. Umuntu owenze lokhu umama umlimaze kabuhlungu njengoba kukhona ingxeba elikhulu ngemuva ngasentameni okuyilona esalibona kahle, amanye angazi mangaki emzimbeni,” kuchaza yena.
Uthe bayanxusa ukuthi uphenyo lwamaphoyisa lusheshe ukuze kubanjwe umbulali.
Endlini uthe okungaveza umkhondo uphaqa abangawazi ukuthi ngokabani nothathwe ngamaphoyisa.
Kuze kwashaya isikhathi sokuthi shicilela engakaphenduli ngalolu daba okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda.