INKANTOLO ibigcwele phama. Emagcekeni eNkantolo yeMantshi yaseThekwini bekuphithizela abalandeli be-MK Party, beviliyela sakuqholosha. Nemibala yaleli qembu elinonyaka bekuyiyo egqamile ngaphakathi nangaphandle kwenkantolo.
Ngaphakathi ku-Court 12, ibhentshi elingemuva kukaNkk Duduzile Zuma Sambudla beligqishe osondonzima baleli qembu. Bekukhona kubo uyise kaDudu, ehleli noSihlalo we-MKP uMnuz Nathi Nhleko noNobhala Jikelele uFloyd Shivambu namanye amalungu esigungu esikhulu sikazwelonke.
Kukule nkantolo yeMantshi lapho aqala khona kugqigqa izinkantolo uMengameli we-MKP uMsholozi, ongubaba kaDudu. Nalapho kwakutheleke yonke inhlobo yabaholi nabalandeli beqembu lakhe ngaleso sikhathi i-ANC bezomeseka emacaleni ayebhekiswe kuye okudlwengula. Kwabasikhumbulayo leso siqephu bangavuma ukuthi ukuvela kukaDudu enkantolo ngoLwesine kufane nencwadi esilotshwa kabusha, umehluko ukuthi sekuyindodakazi ehleli esigqikini sommangalelwa.
Noma ngabe kuthiwa izinto ziyaqondana, ukubizelwa enkantolo kuka“ntombikayise” kufana nesambulo senyathuko ebheke esicongweni se-MK Party, okuyisikhundla abaningi abakholelwa ukuthi “ubaba” uzosishiyela kumuntu amethembayo.
Akukho-ke ukungabaza ukuthi umeseki omkhulu cishe owazi nezesifuba ekhaya nasepolitikini zikaMsholozi yindodakazi yakhe, okuyiyo eyama naye ebunzimeni nalapho abaningi sebeqheliswa ubivane lwezinkinga ezamnamatha waze wababala wasuliswa esikhundleni sokuba uMengameli wezwe.
Ushilo nomdidiyeli we-MK, uMnuz Willlies Mchunu, ephawula ukuthi inhlupheko kaNxamalala yasuka kuyo le nkantolo njengoba sebebuyele indodakazi yakhe ngemuva kweminyaka engu-20.
UNkk Zuma-Sambudla ubhekene necala lokuzama ukuketula uMbuso kanye nokuphehla udweshu ngesikhathi ngesikhathi sezibhelu zangoJulayi 2021.
UMbuso uthi lokhu wakwenza ngemibhalo ayeyibhala kutwitter.
UNkk Zuma-Sombudla wayelokhu efaka ekhasini lakhe le X, izigameko ezazenzeka, zihambisana nombhalo othi “Siyanibona'' ebese egagula ngegama leyo ndawo ayekhuluma ngayo.
Ngokujwayelekile uyise ojwayele ukuthola ukwesekwa ngabantu abaningi uma eyovela enkantolo. Kodwa ngoLwesine kushintshe ukudla epuletini. Kunomlayezo obusebusweni bukaDudu wokweneliseka ngesikhathi esebhokisini lofakazi. Ubemamatheka edeze ejeqeza emuva ngakuyise nezikhulu ze-MKP sakuthi “sekuyigema lami ukuba ngithwalele lesi siphambano sikababa”.
UNxamalala akawabheki amathuba anje. Uma eneshuzwa, yilapho avuka mawala khona. Ubukhona bakhe ngemuva kwendodakazi yakhe bekufana nomgcobo “weshingakazi” eliwe livuka naye. Cishe ubeziqhenya ngokuyibona inesibindi esifana nesakhe.
Nommeli wakhe u-Advocate Dali Mpofu, uwalethe ngokhamba amafutha omgcobo nxa enza izethulo ngokuthi athi leli cala liyimbudane, liwukuhlunyezwa ngokwepolitiki kusentshenziswa amathuluzi oMbuso. Yile nduku uMsholozi asebaqede ngayo labo abayizimbangi zakhe epolitikini ye-ANC. Uma-ke lokhu sekushiwo ku“ntombikayise”, izinkomba ziqinile ukuthi “uMkhonto” uyowela ezandlezi zayo njengendlalifa efanele.
Uma okwenzeke ngoLwesine enkantolo bekuyithuba lokuzwa amanzi ngobhoko kukaNkk Zuma-Sambudla ukuthi bangakanani abantu abangameseka uma engahola iqembu, libe yimpumelelo enkulu.
Akuvamavamile ukuthi uDudu ebonakale exhawula amalungu aleli qembu, amanye emanga okubonakale ngaphandle sekwethulwa izinkulumo. Laphaya ubehlezi eduze kukayise edane ebonakala enqekuzisa ikhanda uma kukhona isikhulumi ahlabeka umxhwele ngenkulumo yaso.
Kusayine-ke amalungu eMK ecula ethi: “Wenzeni uDuduzile”. Baphinde bememeza bethi “We see you,'' naye waphendula wathi ”I see you“ esho ebakhomba. Lezi ziqubulo zisho lukhulu.
Nibuzani ibhasi ibhaliwe!