IGAMA LENCWADI: Braai
UMBHALI: Reuben Riffel
ABASHICILELI: Quivertree Publications
NGEKE aphelele amaholidi uma kungekho okuya ngasethunjini. Kanti kumanje maningi amakloza aseqalile ukuhlela ukuthi zizohamba kanjani izoso. Cishe wonke umuntu useqalile ukuzicuphela amaholidi ngokuthi uzokhipha unyawo ngakuphi ukudla, inyama, izibiliboco neziphuzo.
Ugcina usudideka ukuthi uzokwamukela siphi isimemo uma sekuyisikhathi sikaKhisimusi noNcibijane ngoba wonke umuntu ukhipha unyawo ngezibiliboco ezithile.
UReuben Riffel, umpheki ohlonishwayo eNingizimu Afrika nasemazweni angaphandle ubophele amaresiphi ahlukene okosa inyama encwadini ethi, Braai.
Izithombe zixoxa indaba futhi inyama iconsisa amathe kepha kumele uthenge eyakho incwadi ukuze uzicijele amaholidi