KULINDWE iKhabhinethi yaKwaZulu-Natal ngesinqumo esicelweni sesikhwama esibhekele izindaba zeSilo uMisuzulu, iZulu Royal Household Trust, esidinga ukwengezelwa ngochatha kaR10 million, esabelweni saso.
Ukwanda kohlu lwabantu abahlomula ngaphansi kwaso kwenze ukuthi sifune ukwengezelwa imali.
Isikhwama sisabhekele amazinyane noNdlunkulu beSilo esabuza, uMdlokombane, kanti ngemuva kokugcotshwa kweSilo uMisuzulu, kwengezwe abantu abahlomulayo kusona okubalwa amazinyane akhe, nondlunkulu ababili.
UNdunankulu wesifundazwe uMnuz Thami Ntuli, wamemezela ngesikhathi ethula isabelomali sehhovisi lakhe, ukuthi isabelomali sesikhwama singu-R77.5 million kulo nyaka wezimali.
Le mali ibhekele ukwenza izinto eziningi endlunkulu okubalwa ukulungisa izigodlo, ukubamba imicimbi ebalulekile esizweni okubalwa nemikhosi emikhulu, ukufundisa amazinyane kaMdlokombane, naweMbube esesihlalweni.
UDkt Nonhlanhla Mkhize, uMqondisi jikelele ehhovisi likandunankulu, utshele amalungu ekomiti lezezimali esiShayamthetho sesifundazwe eMgungundlovu, ukuthi ngemuva kokugcotshwa kweSilo uMisuzulu, kwengezwe ohlwini abanye abazobhekelelwa okubalwa ondlunkulu baso ababili, namazinyane.
Uthe kwenzeka lokhu nje bebesaqhubeka nokubhekela amazinyane asafunda kaMdlokombane, noNdlunkulu bakhe nabanye endlunkulu.
Umphathi wezimali zesikhwama uMnuz Sipho Buthelezi, ucacisile ngemoto okumele ithengelwe omunye wondlunkulu beSilo uMisuzulu, ezodla ngaphezu kwesigidi.
Uthe le moto ebesekunesikhathi beyilindile ukuthi ifike, kulindeleke ukuthi ilethwe ngenyanga ezayo.
“Le moto ibingekho kodwa isiyathengwa. Kulindwe kuphela ukuthi ilethwe ngoDisemba, kanye kuzoba ngeyomunye wondlunkulu,” kusho uButhelezi.
Kuvele nokuthi isikhwama sesisebenzise ngaphezu kuka-70% wesabelomali ekubeni kusasele izinyanga ezibalelwa kweziyisithupha ngaphambi kokuphela konyaka wezimali.
UMnuz Tim Brauteseth we-DA, uthe bayayeseka indlunkulu wathi kodwa kudingeka kuboshwe izifociya ngoba kayikho imali. Uthe abanankinga nemali enguR10 million, okulindwe impendulo yeKhabhinethi.
Ufakazelwe ngusihlalo wekomiti uMnuz Mthandeni Dlungwana, othe kumele kuqiniswe izifociya ngoba imali kayikho.
UBrauteseth ufune ukwazi ukuthi imali engu-R3.5 million, ebibekelwe ukuhlanganisa izingcithabuchopho kuphunywe nesu lokuthi isikhwama singazifakela kanjani inzuzo ukuze singathembeli kuhulumeni, yenzeni?
UMnuz Mervyn Dicks weMK, uthe ziningi izindlela zokuthi lesi sikhwama singenise imali njengoba kukhona izinkampani ezinikwe amathuba okuthi zigumbe umhlaba weSilo ngenxa yezimayini.
“Ziningi ezinye izinto zokwenza imali emhlabeni weSilo. Kumele zibhekwe lezo zindlela ukuze isikhwama singenise imali.”
UDlungwana uthe isikhwama asikwazi ukusebenzisa imali esingenayo.
“Njengomuntu ophethe imali kumele uthathe izinqumo ezinzima. Okusinika ithemba ngukuthi kunezinhlelo zokuthi isikhwama sizenzela imali kunaphambilini lapho kwakufakwa nje imali bese kungabikhona izinhlelo zokuthi izobuya kanjani,” kusho uDlungwana.
UButhelezi uthe zikhona izinto aseke bazenza njengokuzama ukuthenga izitolo zakwa-Spar, kodwa bathola ukuthi lezi zitolo aziyenzi imali.
“Sibheka manje izitolo ezintsha ukuze sikwazi ukutshala imali kuzona, bese kubuya inzuzo ezongena esikhwameni.”