MHLELI: Ngeke sakuphikisa nangengozi ukuthi selufikile nasezwenikazi i-Afrika uguquko lokwanelisa izidingo zesintu ngobuchwepheshe, olubizwa nge-Fourth Industrial Revolution.
Inhloso yalolu guquko kwezemisebenzi iqala ngokushwabadela imisebenzi eminingi emikhakheni ehlukene kwezemisebenzi, kunciphe isibalo sabasebenzi abaningi abenza umsebenzi ongenziwa umuntu oyedwa, ngomfanekiso womuntu owakhiwe ngogesi, esiwubiza ngerobhothi, noma umsebenzi ongenziwa ngumshini.
Lolu guquko kwezemisebenzi, lusikhombisa ukuthi umuntu oyedwa indawo yakhe ethathwe ngumshini okanye irobhothi, wayengawenza, noma ubengawenza okanye angawenza kanjani ngempumelelo umsebenzi owenziwa yiningi labasebenzi.
Siyakhathaza isenzo sabasebenzi sokuzishaya indiva izinguquko ezifikayo kwezemisebenzi. Abasebenzi balinde ukuthi lolu guquko kwezemisebenzi lwenze elikuhlosile, kuphele kanjalo ngabo.
Okukhathaza kakhulu ngukubona abasebenzi emikhakheni eyahlukene belubukela kude lolu guquko, ukuthi ngelinye ilanga luyofika nakubo enkampanini noma kuleso sikhungo abaqashwe kuso, kuphele kanjalo ngabo.
Selokhu kwaphuma isimemezelo salolu guquko kwezemisebenzi, angikhumbuli ngizwa ngembizo yabasebenzi, ikakhulukazi asebebhekane nalo mshophi, ukuthi yikuphi esingakwenza njengabasebenzi ukuhambisana nezinguquko kwezemisebenzi.
Ngangithi abasebenzi basePosini ezweni lonke, bona engikhumbula kahle ukuthi i-Forth Industrial Revolution isingenisile kubona nobuchwepheshe bayo, bazobiza imbizo yabasebenzi, bafakane imilomo ngomsebenzi wabo oqedwa ngubuchwepheshe, nokuthi bangawuvikela kanjani, okanye ikuphi abangakwenza ukubhekana nesimo.
Kuyakhathaza kakhulu ukubukelana phansi nokungabambisani kwabasebenzi bonke jikelele. Ubumbano lwethu lubonakala mhla sifuna esikufunayo, sikhohlwe nangokucijisana ngamaqhinga angaklama indima yokusivikela ngayo yonke indlela omunye umuntu angayicabanga ngezikhathi zobunzima, njengoba kwenzeka namuhla kwabanye abasebenzi abalahlekelwa yimisebenzi.
Kuyakhathaza ukuthi izinyunyana ezihola abasebenzi zigxila kolokubhekana nabaqashi, kukhulunywe eyokukhushulwa kwamaholo, imihlomulo nokunye okuthinta abasebenzi, ziyilibale eye-Forth Industrial Revolution eqeda kancane yona le misebenzi enamaholo angagculisi, okanye zikulibale ukuthi yikuphi okuyokwenziwa ngabasebenzi mhla izinkampani zishona phansi ngenxa yezinguquko kwezemisebenzi.
Ukuba abasebenzi, njengalabo bePosi nabanye asebephelelwe yimisebenzi ngenxa yalezi zinguquko, babenalo ulwazi ngaphambili, lokuthi kuyohamba kuhambe kufike i-Forth Industrial Revolution ishwabadele konke, babeyokwazi ukubhekana noshintsho lwayo ngezindlela ezahlukene omunye angazicabanga.
Namuhla sesiyakwazi lokhu singabasebenzi. Uthi umbuzo sibhekana kanjani nakho ngomuso?
Impela isingaphakathi e-Afrika i-Forth Industrial Revolution nenhlosongqangi yayo yokonga imali kuphela. Kungukusho nje ukuthi kuthuthukiswa izindlela zokusebenza. Iqiniso limile nje, kongiwa imali. Okubuhlungu ngukuthi lolu shintsho luzoshaya kakhulu abasebenzi abansundu ezwenikazi i-Afrika.
Phela ngabe asidodisani singamaphoyisa, ngokuthi sizibuze umbuzo othi: siyothi webani asabele kuphi uma ezobuchwepheshe zingafika ziqede nya ngokuphulwa komthetho ezweni, siphelelwe yimisebenzi?
Iqiniso lithi zikhona impela ezobuchwepheshe ezingehlisa izinga lokuphulwa komthetho, njengoba noMphathiswa wamaPhoyisa eke wayiveza enye yazo zolo lokhu, kujabule wonke umuntu osaba ubelelesi. Kukhona ngisho ezobuchwepheshe ezingabamba obulele, yize ngingeke ngabuthanda lobu buchwepheshe, ngomphumela wabo ongemuhle kulowo oyisisulu.
Kodwa yiso lesi sikhathi esiyobona ngaso sekuphela nya nangamaphoyisa, esephelelwa ngumsebenzi ngenxa yobuchwepheshe. Umbuzo uthi ikuphi okwenziwa ngamaphoyisa kanjalo nezinyunyana zawo kusenesikhathi, ukuhlangabeza lolu guquko lwe-Forth Industrial Revolution oluzoshwabadela imisebenzi yawo kungekudala?
Ngangithi asisophinde sibabone othisha ezikoleni kuwo wonke amazinga emfundo ngesikhathi seCovid-19, njengoba kwabe sekufundwa ngezobuchwepheshe noma nge-internet.
Nabo othisha, kumele bazibuze ukuthi uma lesi silwanekazi esibizwa nge-Forth Industrial Revolution sesiqhoboshela imisebenzi yabo kusasa bazothi webani asabele kuphi?
Phela ngabe asidodisani singothisha beMaths, nezinye izifundo nje, ngokuthi sizibuze umbuzo othi singenza njani uma sekungaba ngumsebenzi oyedwa okanye i-robhothi lansondo, elingafundisa i-Maths kuwo wonke amazinga emfundo kwithelevishini?
Bangasebenza kuphi othisha be-Maths? Ikuphi abakwenzayo namuhla othisha beMaths ukuhlangabeza le nkinga ebukeka ibanyonyobela. Bona othisha bayayibona yini le nkinga ebanyonyobelayo? Le mibuzo ihlezi ingihlupha.
Njengoba ngoguquko kwezemisebenzi kuhloswe ukonga imali emosheka kubasebenzi abaningi ngamaholo, umbuzo uthi ikuphi okwenziwa ngabasebenzi emikhakheni eminingi ehlukene ukubhekana nesimo salezi zinguquko kwezemisebenzi kusenesikhathi, njengoba kubukeka bubukhulu ubuhlakani obuzayo obuzoguqisa iningi labasebenz nge-Forth Industrial Revolution?
Impela bekungaba kuhle uma singazibuza njengabasebenzi ukuthi kumele sibhekane kanjani ne-Forth Industrial Revolution esisayibukela kude kweminye imikhakha.
Abasebenzi abaningi baxakwe eyamaholo angagculisi nezinye izimfuno, kodwa bazishaya indiva kakhulu izinguquko ezifikayo kwezemisebenzi, eziqeda kancace kancane izikhala zemisebenzi yabo.
Engizama ukukusho ngukuthi kunokuthi abasebenzi babhekane ngqo ne-Forth Industrial Revulution, ngibabona bebhekana nabaqashi kwezithinta amaholo nemihlomulo yemisebenzi engaphela kungekudala.
Abanye abaqashi nabo akusensuku zatshwala bavale izindawo zabo zemisebenzi, bathathe amasakana abo babone abafika ngayo.
Lokhu kwenzekile kabuhlungu ezindaweni ezidayisa ucwephe lomculo nolwamabhayisikobho, ama-CD kanye nama DVD, njengoba umculo noma amafilimu esethengwa ngobuchwepheshe be-internet.
Umsebenzi ngamunye kulezi zindawo zemisebenzi, wazibonela njengechwane lenyoka noma wesibankwa ukuthi uphuma ubheka ngakuphi lapho ubuchwepheshe bungakangenisi ngakhona. Siyababona abasebenzi bePosi nabanye sebezibonela namuhla njengamachwane ezinyoka.
Cebolenkosi Maphumulo
ENANDA