Imindeni engaphezu kuka-28 yasemijondolo eMasinenge eNingizimu yoGu KwaZulu-Natal, isale dengwane emuva kokuba izindlu zayo zingqongqiswe umlilo.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ngokhulumela uMnyango wezokuThutha noHlaliswa kwabantu kulesi sifundazwe, uMnuz Ndabezinhle Sibiya.
Uthe lesi sigameko senzeke emijondolo eku-ward 3 kuMasipala iRay Nkonyeni ngoLwesine ezintatha ngabo-2 ekuseni.
USibiya uthe lesi sehlakalo kusolakala ukuthi sidalwe ngomunye obedle amanzi amponjwane, obezama ukupheka kanti uzozunywa wubuthongo.
Uthe okubuhlungu ukuthi kwenzeka lokhu nje kuneminye imindeni ebingekho, isemakhaya njengoba kuyizinsuku zamaholidi.
"UMphathiswa ujube ithimba eliqhamuka kuhulumeni kazwelonke, elisebenzisana noMnyango wezokuHlaliswa kwabantu kulesi sifundazwe. Liphinde lisebenzisane noMasipala wendawo iRay Nkonyeni kanye noMkhandlu woGu, ukuqinisekisa ukuthi usizo luyaphuthuma. Singakuveza ukuthi ithimba selikwazile ukuthi lihlonze ukuthi kunabahlali abangu-16, okuyibona abadinga usizo."
USibiya uthe lukhona usizo oluphuthunyiswayo eMasinenge, olunjengokudla nezingubo zokulala.
Uthe uMphathiswa usedonse ngendlebe izakhamuzi ukuthi ziyaqhelelana nokubasa umlilo nokupheka uma sezidle amanzi amponjwana.