Udidekile umndeni wowesilisa waseZidulwini, eNquthu okuthiwa unqume umfowabo ikhanda, waliphonsa egcekeni wase egcwala amathafa.
Kuvela ukuthi umufi uMnuz Siyabonga Ndlovu (38), unqunywe ngumfowabo ikhanda ngemuva kwengxabano ababe nayo, umufi ekhuza umsolwa ngokucwila kakhulu kwizidakamizwa nasophuzweni oludakayo.
Igama likamsolwa ongumfowabo kamufi ngeke lidalulwe okwamanje njengoba engakaveli enkantolo.
Kuduma ikhanda kuMnuz Jabulani Ndlovu, oyilungu lo mndeni kamufi njengoba ebabaza unya nesihluku athi sikhonjiswe umsolwa, esehlakalweni esenzeke ngoMsombuluko.
Uthe umsolwa ubesedla kakhulu izidakamizwa, ‘sezimhlanyisa’ ekhanda kangangoba ngosuku abulale ngalo umfowabo ubehamba enqunu.
Uveze ukuthi basola ukuthi umufi umkhuzile umsolwa ngokudla kakhulu izidakamizwa kwase kuthi ebusuku umsolwa wambulala esezumekile.
"Ekhanda likamufi bekunenkebenkebe yengozi eze ifinyelele nasendlebeni. Uyabona nje ukuthi umsolwa umlinde wazumeka umfowabo wase emgenca, ngemuva kwalokho wase emsaha ikhanda walilahla egcekeni,'' usho kanje.
Eqhuba uthe:''Umzimba uwushiye kanjalo egumbini ebebelele kulona wase ekhala amaphepha. Yaze yasizwisa ubuhlungu nansi into.’’
Uveze ukuthi ngaphambilini alukho udungunyane obeluke lwasuka phakathi kwalaba ababili.
Uthe kuyimanje umsolwa oneminyaka engu-28 ugcwele amathafa.
Ugcizelele ukuthi bagqemeke udume lwengozi ngokubulawa kukamufi, emchaza njengomuntu obelungile futhi ehlonipha.
Uthe sebethemba ukuthi amaphoyisa azosebenza ngokuzikhandla aqinisekise ukuthi ugcina etholakele umsolwa.
"Siyafisa ukuthi atholakale mhlawumbe kukhona izimpendulo esingazithola kuyena mayelana nalesi sigameko.“
Amaphoyisa aKwaZulu Natal athunyelelwe imibuzo ngalolu daba kodwa abengakaphenduli.