Umethuli wezinhlelo uNonkanyiso Conco odume ngelikaLaConco, useveze ukuthi konke akwenzayo ngokubonakala engapheli emagcekeni aKwaZuma, wenzela indodana yakhe, ebidla okokuqala uKhisimusi nomndeni wayo.
Ezinyangeni ezedlule uLaConco wake wabhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ubudlelwane bendodana yakhe uSakha, noyise wayo onguMengameli weMK Party, uMnuz Jacob Zuma sebungcono.
Lokhu kwakulandelwa izithombe azifaka ezinkundleni zokuxhumana eseNkandla KwaZuma.
Ngosuku lukaKhisimusi, uphinde wafaka ezinye izthombe wathi uphelezele indodana yakhe, ebiyobungaza okokuqala nomndeni wayo.
“Eminye imikhuleko idinga ukubekezela, isikhathi nokuthi ube ngumuntu okhulile ngokomqondo. Sakha ngiyakubongela ngane yami. Ngokuxoxela ngelinye ilanga. Ngiwumama okhulisa indodana yakhe yedwa ngiyalwazi uthando eludingayo. Ngelinye ilanga bese ngakha ukhasi engingeke ngilikhohlwe nomuntu obalulekile. Angididekile bakwethu nibe nosuku oluhle lukaKhisimusi,” kuchaza uLaConco.
Uthe abalandeli bakhe ufuna bezwengaye, njengoba engeke aphinde abe sebudlelwaneni bezothando noyise wendodana yakhe.
“Uthando lwami ngaye lwaphela kudala. Njengomama ngiKwaZuma ngenxa yendodana yami futhi ngifuna ukuyenzela okulungile okuwukuchitha isikhathi esibalulekile nomndeni wakhe. Angikaze ngidelele noma ngikhombise ukungawuhloniphi lo mndeni noma yena ubaba wengane, ngemuva kwakho konke okwenzeka. Ngiyilokhu ngenxa yezinto ezingehlele empilweni yami,” kuchaza yena.
Uphinde wabonga unkosikazi kaZuma omdala uMaKhumalo, ngamenzele khona selokhu aba yingxenye yomndeni waKwaZuma.
Uthe ngelinye ilanga uyoxoxela wonke umuntu.