KUHLAKAZWE isizinda sokudayiswa kwezimpahla zomgunyathi ezishaqwe amaphoyisa ezingabiza u-R8.6 million eGoli ngempelasonto.
Ukushaqwa kwalezi zinto kwenzeke ngokwehlukana eLanglaagte naseHoneydew.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uColonel Dimakatso Nevhuhulwi, uthe lo mkhankaso ubuqhutshwa wuphiko iSAPS Gauteng Counterfeit Unit, Brand Protectors nohlaka olulwa nobugebengu emphakathini.
Ulandise wathi ngoLwesihlanu eLanglaagte kushaqwe amakha awumgunyathi angabiza ngaphezu kuka-R5.3 million.
“Abebewadayisa bakhokhiswe inhlawulo ehambisana nokuhweba ngezimpahla eziwumbombayi,” kusho uCol Nevhuhulwi.
Uqhube wathi umkhankaso wamaphoyisa wokulwa nobugebengu uwaholele eHonedew, ngoMgqibelo.
Kubikwa ukuthi lapha kushaqwe izinto ezihambisana namafoni, izimpahla zokugqoka nezicathulo okuwumbombayi, ama-LED lights konke okungabiza u-R3.3 million.
Losigaxamabhande ube esekhipha isexwayiso esibhekise emphakathini wathi kuyicala elibomvu ukuhweba ngezinto eziwumgunyathi.
Uveze nokuthi abantu abazimbandakanya nale ndlela yokuphulwa komthetho basuke bekhinyabeza ukusimama komnotho wezwe.
“Yingakho izinhlaka zokuphepha eGauteng zizoqhubeka nokuhlakaza lezi zidleke okudayiswa kuzona izimpahla zomgunyathi,” kuchaza uCol Nevhuhulwi.
Umphakathi uyacelwa ukuthi ubikele amaphoyisa nganoma yini ethinta izenzo zobugebengu ngokuthi bashayele enombolweni yeCrime Stop ethi: 08600 10111.
Bangabika nakwi MySAPS app bayigodle imininingwane yabo uma bethanda.