ABANTU besifazane sebengakwazi ukuzihlola ukuthi abanawo yini umdlavuza webele nowesibeletho besebenzisa ubuchwepheshe be-App abangazifakela bona emafonini abo.
Le App eyaziwa ngokuthi iMycancerguide isungulwe inhlangano egqugquzela ukuthi abantu bazihlole umdlavuza iCampaign for Cancer ukuze kuqiniswe izinhlelo zokuhlola umdlavuza ebese zifadabele ngenxa yokuhlasela kweCorona.
UNkk Adia Kabengele ohola uhlelo lokugqugquzela abantu besifazane ukuthi bazihlole bona ukuthi abanawo yini umdlavuza webele ngokusebenzisa le App kule nkampani uthe bakholwa ukuthi i-App izokwazi ukufinyelela kubantu abebengeke bakwazi ukuya ezikhungweni zempilo ngokushesha.
Le App izokwethulwa ngokusemthethweni kusasa njengoba kuwusuku lokufundisa nokuqwashisa ngomdlavuza emhlabeni, iWorld Cancer Day, uthe ukufika kweCorona kuphazamise imikhankaso yokuqwashisa ngomdlavuza ngakho babone ukuthi basungule i-App abesifazane abazoyi-downloader emafonini abo njalo emuva kwenyanga izobakhumbuza ukuthi sekufanele bazihlole.
Le App iyakufundisa ukuthi uzithinta kanjani emabeleni uma ufuna ukuhlola ukuthi awunawo yini umdlavuza webele, nomdlavuza wesibeletho ikubuza imibuzo oyiphendula ngokubhala noma ngomlomo.
" Kule App uyakwazi ukucindezela inkinobho ekuvumela ukuthi ukhulume . Uyachaza ukuthi yini oyizwile ngesikhathi uthinta ibele lakho, ubuchwepheshe obufakiwe buyakubuza eminye imibuzo bese uphendula. Ulwazi lwakho nezimpendulo zakho lungena kuyo le App bese buhamba buyoxhumana nobunye ubuchwepheshe obubheka ukuthi ngabe izimpendulo zakho zikhomba ukuthi udinga ukuthi uyohlolwa esikhungweni sezempilo noma konke kusahamba kahle. Uma kukhona okusolisayo i-App iyakutshela ukuthi kumele uye emtholampilo uyohlolwa kabanzi.
UNkk Lauren Pretorious uthe lobu buchwepheshe buxhaswe ngabakhiqizi bemigomo iPfizer .
" Sikhethe ukuthi kusetshenziswe iApp ukuze sisize abantu besifazane ukuthi baqale ukusebenzisa ezobuchwepheshe ukuze belashwe ngoba vele sesifikile isikhathi sokuthi ubuchwepheshe busetshenziselwe ukusombulula izinkinga zezifo.Le App uyi-downloader efonini eyi-smart phone, kuleli baphakathi kuka20 kuya ku22 million abantu abasebenzisa ama-smartphone ngakho siyabona ukuthi mkhulu umehluko ozobakhona," kusho yena.
Uqhube wathi inhloso enkulu ukuthi abantu abanomdlavuza webele basheshe bahlonzwe ukuze baqale ukwelashwa kusenesikhathi nokuthi abasengcupheni bathole izeluleko ngoba le App ibuye ikhiphe izeluleko ezihambisana nezimpendulo oyinikeze zona ngomlomo noma ozibhale phansi. Uthe okwamanje izilimi ezikuyona ziyisikhombisa kuzo okukhona isiZulu, isiNgisi, isiXhosa nezinye.
Ngokwezibalo zeNational Cancer Registry zika 2017 bangu-9 624 abantu besifazane okuhlonzwe ukuthi banomdlavuza webele ngalo nyaka . Umdlavuza webele uma uqhathaniswa neminye imidlavuza yiwona ophatha abantu besifazane abaningi kuleli , ulandelwe umdlavuza wesibeletho.
UDkt Bha Ndungane-Tlakula, isikhulu sePfizer kuleli uthe inkampani yakhe iyaziqhenya ngokuthi ibambe iqhaza ohlelweni abakholelwa ukuthi luzosiza ekutheni kusheshe kuhlonzwe umdlavuza ukuze kushintshe isimo esikhona njengamanje lapho abantu abaningi bethola ukuthi banomdlavuza sewusabalele egazini kwesinye isikhathi bangabe besalapheka kanti umdlavuza webele uyelapheka uma utholakale kusenesikhathi.
Uma ufisa uku-downloader le app ungangena ku-http://www.mcgscreening.co.za.