USEVULELA intsha amathuba omsebenzi owaqala ngokubhuquza ekhaya neziqu zobuchwepheshe. UNksz Ntokozo Magwaza waseReservoir Hills kodwa okhule eMzomusha eNanda, uneziqu zeSoftware Engineering aziphothule e-University of South Africa (Unisa) ngo-2019. Ngo-2020 kuthe uma kuqala unyaka wazama amatoho kodwa kwangalunga ngoba besekudlange nobhubhane iCovid 19. Yilapho akhumbula khona ikhono lokubhaka amakhekhe, okuyinto unina abakhulisa ngayo. UNksz Magwaza uthe waqala ngebhakede elilodwa wayodayisa emakethe eThekwini kanti sekuwuqala kwebhizinisi elikhulu.
Namhlanje uNksz Magwaza ungumnikazi wekhishi, iMadam Harvest elibhakela osomabhizinisi abasafufusa amakhekhe, bazenzele inzuzo. "Ngasebenza izinyanga ezimbili, abantu bacela ukuthi ngibenzele amakhekhe bayozama nabo. Kwagcina kungiphoqa ukuthi ngiyeke ukudayisa ngivule ikhishi. Sengikwaze ukuqasha abantu abathathu ekhishini nabayisikhombisa abavuka beyodayisa ngezitsha edolobheni. Angikwazi ukubabala abafika bezothengela ukuyodayisa ezindaweni ezahlukene ngoba bafika ngezinsuku ezingafani nangokuhlukana,"kusho uNksz Magwaza. Ukuba yimpumelelo kwebhizinisi uthe kwenziwa nawukwesekwa ngunina okunguyena owamcija ngamakhono ahlukene ngalo.
Eqhuba uNksz Magwaza uthe ibhizinisi lakhe yize selidlondlobele kodwa ufisa ukulikhulisa kuze kube bonke abasebenzi bakhe bayazimela, bakwazi ukuvula izindawo zabo. UNksz Mbali Zungu ongomunye wabaqashwe eMadam Harvest, uthe kuyamsiza ukubamba itoho kuleli khishi kunokuhlala ekhaya. "Angifuni ukuqamba amanga kukhona okuncane engikwazi ukukukwenza ngenxa yalo msebenzi. Senginonyaka ngibambile kodwa ngisenaso isifiso sokukhula ngithole nomunye umsebenzi noma nami ngikwazi ukuzimela," kusho uNksz Zungu.
UNksz Magwaza uthe njengamanje ibhizinisi seliqala uhlelo olusha lokubhakela imicimbi emikhulu, okubalwa imishado namaphathi. Uthe izandla uzivulile nasezitolo ezifisa ukusebenzisana naye.