KUJWAYELEKILE ukuthi ezinkundleni zokuxhumana kuvele ama-video abantu bewasha izimoto baze bavule izinjini kokunye bakhiphe namasondo ngenhloso yokuzihlanzisisa.
Lokhu kuhlale kushiya abantu bephawula ngezindlela ezahlukene. Babodwa abakuncomayo nabakugqugquzelayo, ngakolunye uhlangothi kunabathi kungabulala injini ikakhulukazi ngoba kunezintambo zikagesi khona.
Umakhenikha osezakhele ugazi onendawo akhenikha kuyo, iMumbo Repairs, uThabiso Mkhize, uthe bayakweluleka ukuthi imoto ihlale ihlanzekile ikakhulukazi nayo injini.
“Kwenza ukwazi ukubona ukuthi imoto kukhona yini lapho evuza khona uwoyela nanoma yikuphi okunye okuvuzayo. Imoto ehlanzekile kuba lula ukuthi ukwazi ukubona uma izinkinga zikhona emotweni noma enjinini. Kodwa ukuwashwa kwenjini kumele kwenziwe ngabantu abakufundele ukuziwasha izinjini ngoba ezinjinini kunama-sensor amaningi azwelayo, angahambisani namanzi okumele ukuthi usebenzise i-steam uma uwasha injini noma usebenzise amakhemikhali. Lawo makhemikhali awayilimazi injini futhi awawalimazi ama-sensor,” kusho uMkhize.
Uthe akakweluleki ukuthi kukhishwe amasondo uma kuwashwa imoto ngoba lokho kungaphazamisa i-wheel alignment.
“Uma ukhipha isondo lemoto, kwenzeka uwaxuba amasondo mhlawumbe elangaphambili ulise ngemuva, iyalahleka i-wheel alignment yemoto lapho. Nanokuthi uma ulikhipha isondo kumele wenze isiqiniseko sokuthi uma usulibuyisela ulibuyisela ngendlela bese futhi wenze isiqiniseko sokuthi ama-thread awuwabulali uma usufaka amabhawodi amasondo. Okunye futhi kumele wenze isiqiniseko sokuthi isondo uliqinise ngendlela olulekwa ngayo ebhukwini lemoto ngoba imoto nemoto iqiniswa futhi isondo lifakwa ngezindlela ezingafani. Uma ungazi ukuthi lifakwa kanjani kahle, ungagcina usulimaza izinto ezinjenge-wheel bearing yemoto nama-tie rod end.”
Uthe indlela ephephile yokuwasha imoto ngaphansi ukufaka imoto kwi-jack stand.
“Kokunye ngike ngibone ama-video imoto beyibeke phezu kwamakesi nezitini nokungenzeka izitini zibohloke bese abantu bayalimala. Baningi omakhenikha abanemilenze eyodwa nezandla ngazinye ngenxa yokwenza kanjalo. Kubalulekiule ukuthi usebenzise ama-jack stand okuyinto ephephile uma befuna ukuwasha imoto ngaphansi noma bakhe i-ramp ozofike uhambe ngemoto bese ungene ngaphansi uyihlanze kahle.
Uphethe ngokuthi kubalulekile ukuthi abantu bazithande futhi bazihloniphe izimoto zabo zihlale zihlanzekile.
“Kodwa azingenziwa izinto ezingenasidingo njengokukhipha amasondo. Esikhathini esiningi abantu bazowakhipha amasondo ngoba befisa ukuthi bahlanze amakhwapha emoto. Amakhwapha asikho isidingo sokuthi uze uwawashe ngoba isikhathi esiningi asuke enziwe ngoplastiki noma ukhaphethi. Ungafaka nje ipayipi bese eyahlanzeka. Kubalulekile ukuthi uma usebenza ubeke phambili ukuphepha kwakho.”