INTOKAZI yase-Australia, uCatriona Gray eyahamba nesicoco sikaMiss Universe ngo-2018, izoba yingxenye yomcimbi kaMiss SA ngo-Okthoba 16 eKapa.
Lo zime waphesheya kwezilandle uzobambisana noZozibini Tunzi, kanti bazobheka izinto ezihlukene ezizokwenziwa yizintokazi ezizoqhudelana, zibanga isicoco sikaMiss SA 2021. UGray akaqali ukuba yingxenye yalo mcimbi ngoba wayengomunye wamajaji alo mcimbi ngo-2019.
Lo mcimbi uzobe ukhonjiswa bukhoma kwiM-Net (101), nakwiMzansi Magic (161) ngo-5 ntambama. Bamenyezelwe abazokwethula ukusuka nokuhlala kwezinto kulo mcimbi, okungu-Anele Mdoda noNico Panagio. U-Anele usebe yingxenye kaMiss SA kusuka ngo-2013. UNico uzakhele igama ethula uhlelo lwakuleli iSurvivor SA kwiM-Net.
U-Anele uthe yize amehlo asuke ethe njo, ezintokazini eziwu-10 ezisuke ziqhudelana kodwa kuyamjabulisa ukuhamba lolo hambo nazo, njengoba usuke eseduzane.
“Nami njengomethuli wohlelo ngisuke ngicabanga ukuthi ingabe amajaji aphezu kwani? Kodwa-ke sizifisela konke okuhle izintokazi kwezizobe zikwenza. Sengineminyaka ngiba yingxenye yalo mcimbi, oze uphele amaphaphu ephezulu, kuwona wonke umuntu oyingxenye yawo ngisho ababukeli imbala. Sesobonakala ngosuku lomcimbi,” kusho u-Anele.