INTOKAZI ephethe isicoco sikaMiss Universe, uZozibini Tunzi izobuya izoba wumehluleli emncintiswaneni eyawunqoba uMiss South Africa ngesonto elizayo.
UZozi osezinze phesheya emuva kokunqoba lesi sicoco sikaMiss Universe, wanqoba umncintiswano kaMiss South Africa ngonyaka odlule.
Emuva kwalokho wadlulela ukuyothatha esikaMiss Universe ngoDisemba esikaMiss South Africa wasishiya ku Sasha-Lee Olivier owaphuma isibili.
UZozi uzoba yijaji ngokubambisana noPeggy Sue-Khumalo, Anele Mdoda noLeandie du Randt.
Ijaji lesihlanu lizovezwa ngokuhamba kwesikhathi.
UZozi uthe wazi kahle ukuthi yini laba besifazane abangenele umncintiswano abayifunayo.
“Ngijahe kabi ukubona ukuthi lawo mava azosiza kanjani uma sesahlulela. Impilo yowesifazane oyedwa isizoshintsha futhi ngiyingxenye yabantu abazokwenza lokho. Ngithukile kodwa ngizizwa ngithobekile futhi ngijabule ngakho,” kusho uZozi.
Uthe uzobe ebheka umuntu ongazenzi omunye omuntu futhi abantu abakhululekayo uma besondelana naye ngoba uzobe exhumana kakhulu nabantu.
“Iseluleko kwabakowamanqamu ngaphambi kosuku lo mcimbi, ngithi bangene esteji bangacabangi kakhulu. Benze umsebenzi omkhulu kulezi zinyanga ezedlule behla benyuka ngenxa yezinhlolokhono.”
Umcimbi wakulo nyaka uzoba seThe Table Bay Hotel eKapa ngo-Okthoba 24. Uzobe ukhonjiswa bukhoma kuM-Net, Mzansi Magic nakwi-internet.